UMcCarthy ubonge inkosikazi enqoba iMTN8
UBONGE inkosikazi yakhe enqoba isicoco seMTN8 umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, ngemuva kokuthi ezakhe ziguqise iSuperSport United ngo 4-1 kumaphenathi kowamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
UMcCarthy uke waphuthwa wumdlalo weligi wezakhe ngoba eyoseka inkosikazi yakhe uStacey Munro ebiyohlinzwa ngemuva kwenkinga emaphashini.
“Le ndebe ngeyakho nkosikazi yami. Bekunzima kimina njengoba bengimi phakathi kokuthi ngenze umsebenzi wami nokukhathazeka ngaye. Stacey ngithemba ukuthi ubukele futhi awugxumanga waphuma embhedeni ngoba nakhu siwinile. Kunina osivakashele ngiyabonga kakhulu,” kusho uMcCarthy obekhuluma kwiSS4 ngemuva komdlalo.
UMcCarthy, onqobe isicoco sakhe sokuqala njengomqeqeshi kusukela eqale umsebenzi ngesizini edlule, ubonge usihlalo weCity, uJohn Comitis ngokumnika ithuba.
Uthe impumelelo yakhe kumele ivule amehlo nabanye osihlalo bamaqembu ngokuqasha abaqeqeshi abasebasha.
“Kusihlalo ngiyabonga nakuyena ngokukholelwa kumuntu osemusha. Kubaqeqeshi ababukele abasebasha bangayeki ukukholelwa kwabangakwenza. Ngithemba ukuthi njengoba kukhona esengikuzuzile iminyango izovuleka nakubona.
Kosihlalo abanike abaqeqeshi abasebancane ithuba babone ukuthi yini abangayenza. Ngikholwa wukuthi yilokho okudingwa yizwe njengamanje,” kusho uMcCarthy.
Umdlali wasemuva weCity, u-Edmilson Dove, uncome ozakwabo ngokuzimisela.
Ngesizini edlule bahlulwe yi-United kule ndebe ngamaphenathi.
“Bekungesiwona umdlalo olula. Ozakwethu basebenze ngokuzikhandla futhi bebezimisele ngokufela enkundleni ukuze bathole indebe. Ukwenza amaphutha kuyingxenye yomdlalo kodwa sizitshelile ukuthi nyakenye sahlulwa kowamanqamu ngakho kuzomele sisebenze ngokuzimisela,” kusho u-Edmilson.
Emdlalweni olandelayo iCity izokwamukela iBidvest Wits kowe-Absa Premiership kusasa eCape Town Stadium ngo-7.30 ebusuku.