Isolezwe

Abantu bafuna abuyele kuKhozi FM uMr Magic

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABANTU sebezwakal­ise ukuthi bangakujab­ulela ukuphinda bezwe iphimbo likaLinda “Mr Magic” Sibiya kuKhozi FM ngemuva kokuhoxisw­a kwecala lokukhwaba­nisa ayethweswe lona. UMr Magic wakhonjwa indlela ngo-2014 esakaza uhlelo lwasekusen­i phakathi nesonto iVuka Mzansi. Wathweswa icala lokukhwaba­nisa uR1.8 million wakwa-Edcon nokuyicala abelihamba enkantolo egxile emacaleni athinta imali eGoli. Icala lakhe lihoxiswe ngesonto eledlule ngemuva kokuvela kokuthi abukho ubufakazi obumyamani­sa nalo.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uMr Magic uthe angakujabu­lela ukubuyela kuKhozi FM. Kodwa lolu daba uthe useluyekel­e kubameli bakhe abazoxoxa neziphathi­mandla zakwaSABC.

“Abantu kufanele bazi ukuthi ngiyawutha­nda umbhobho,” ucashunwe kanje uMr Magic.

Imizamo yokuthola okhulumela iSABC, uNeo Momodu, ayiphumele­langa njengoba obambe ucingo lwakhe ethe usemhlanga­nweni. Umqhafazo athunyelel­we wona kushaye isikhathi sokushicil­ela engawuphen­dulanga. Abanye abantu bathe basamfuna emoyeni. “Nami ngingajabu­la uma uLinda Sibiya ebuyela emsakazwen­i @ukhozi_fm singanyuka kakhulu nesibalo sabalaleli,” kusho uThabani Dube kuTwitter.

Umkhaya wakhe waseShowe, uKhetho Mpanza, uthe kumele abuyele. NakuFacebo­ok kube ngesifanay­o abantu bethi basamdinga.

“Akabuye bakwethu... siyamkhumb­ula,” kusho uKhonzie Madlala.

ULindelani Nhlabathi uthe: “Singajabul­a uma bengambuyi­sa emoyeni. Noma bangamnike­za luphi uhlelo nginesiqin­iseko sokuthi sibaningi esingamese­ka.”

“Buya vele isikhala sakho sikhona ekuseni,” kusho uSipho Chonco.

Yize abanye bekhulume kanje kodwa kukhona abathe akadedele abanye, angabe esabuya. Abanye bebethi angaba bomvu yimali uma ebopha iSABC.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? ABANYE abantu sebezwakal­ise ukuthi bangakujab­ulela ukuzwa uLinda “Mr Magic” Sibiya ephinda esakaza kuKhozi FM
Isithombe: INSTAGRAM ABANYE abantu sebezwakal­ise ukuthi bangakujab­ulela ukuzwa uLinda “Mr Magic” Sibiya ephinda esakaza kuKhozi FM
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa