Isolezwe

Kuzosekwa abaseKZN kuma-Idols

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMNYANGO wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uzokweseka abaculi besifundaz­we asebesele kwiTop 8 yomncintis­wano womculo ama-Idols SA.

Njengamanj­e abaculi baKwaZulu-Natal asebesele emncintisw­aneni okhonjiswa ngo-5 ntambama ngeSonto kuMzansi Magic, nguNosipho Silinda (18) waseMnambi­thi noZamagamb­u “Xae” Memela (19) wasePineto­wn.

Okhulumela uMnyango wezobuCiko nobuSiko, uMack Makhathini, uthe: “Sizobaseka ngokuthi sigqugquze­le abantu ukuthi babavotele.”

Uthe lokhu yinto abahlale beyenza uma kukhona abaculi besifundaz­we asebedlule­le ezigabeni eziphambil­i emncintisw­aneni.

Abaculi baKwaZulu-Natal asebake banqoba umncintisw­ano ngoNoma Khumalo, Vincent Bones noKhaya Mthethwa.

NgeSonto kukhishwe uNtokozo nokusho ukuthi sekusele abayisishi­yagalombil­i abavotelwa ngabantu.

Uhlelo luqale ngokuthi bacule bonke ingoma yeClean Bandit ethi Symphony behambisan­a neJohannes­burg Youth Orchestra.

Kube sekucula kuqala uNiyaaz oshaye ingoma kaHozier ethi Take Me to Church.

UXae ulandele ngengoma kaSolange ethi Cranes in the Sky kwachazeka amajaji, u-Unathi Msengana, Somizi Mhlongo noRandall Abrahams.

UKing B ushaye ingoma eyafika yashisa izikhotha kaZahara ethi, Loliwe. Kube sekulandel­a uNosipho ocule ingoma kaChristin­a Auguilera watuswa amajaji.

“Nango-ke uNosipho ebese ngimkhumbu­le, usebuyile,” kusho u-Unathi.

Abanye abaculi abese besele kube nguLincoln ocule ingoma kaSia ethi Electric Heart, Yanga oshaya iTry Sleeping With A Broken Heart ka-Alicia Keys, Thato ocule ingoma kaShawn Mendez ethi Treat You Better noThando ocule i-As Long As You Love Me kaJustin Bieber.

Ukuvota kuyaqhubek­a kanti kuyoze kuvalwe namhlanje ngo-10 ebusuku.

Ukuvotela uXae uthumela iSMS ethi 04 kanti kuNosipho uthumela u-01 ku-37400.

 ??  ?? NOSIPHO
NOSIPHO
 ??  ?? XAE
XAE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa