Bekubhoke izingozi zamabhasi eKZN
KUSHONE ababili kwalimala abalinganiswelwa ku-150 ezingozini ezine ezahlukene zamabhasi KwaZulu-Natal izolo.
Abezimo eziphuthumayo bebematasa behlenga abalimele kulezi zingozi ezenzeke izolo ntambama.
Izingozi zenzeke kuN2 eCandova ngasoPhongolo, oThongathi, eZinqoleni naseMpophomeni.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal uMnuz Robert McKenzie uthe basebenze kanzima bezama ukuhlenga abalimele.
“Bekuwusuku olumatasa kwabezimo eziphuthumayo njengoba sisize abantu abangaphezu kwabangu-100 ezingozini ezehlukene. KuN2 eCandova ngasoPhongolo kushone abantu ababili, kwalimala abantu abangu-57. OThongathi kulimele abantu abangu-11 eZingolweni kulimele abagibeli abangaphezu kuka-44. Kusaphenywa ngezimbangela,” kusho uMcKenzie.
Okhulumela abakwa-ER24 uMnuz Russel Meiring, uthe eMpophomeni kushayisane amabhasi amabili emgwaqweni uR617 kwalimala, abantu ababalelwa ku-50. Uthe bafike endaweni yesehlo nabanye bezimo eziphuthumayo bafica abebelimele behamba ngaphandle kwamabhasi. Balashiwe base bephuthunyisa esibhedlela.
UNkk Zonke Fakude (46) wasoThongathi uthe ubonga uNkulunkulu ukuthi ibhasi liwele emzini wakubo kungekho muntu.
“Sizwe ngomsindo omkhulu sathi uma siyobheka sathola abantu bememeza. Sithe sisondela sathola abafana sebedonsa abantu akade besebhasini. Bahlanu abalimele kanzima baphuthunyiswe esibhedlela abanye bathole imihuzukwana. Ngibonga uNkulunkulu ukuthi indodana kadadewethu ibisemsebenzini ngoba ibizocindezelwa yibhasi,” kusho uNkk Fakude.
Uthe indodana kadadewabo kuyenzeka ukuthi ilale emini ngoba ibuye isebenze ebusuku.
UNksz Nompumelelo Mkhize obesebhasini uthe usola ukuthi umshayeli ubephuzile yingakho ehluleke wukujika ekhoneni yase ibhasi iwela emzini wabantu.
“Ubephuzile umshayeli akufanele sikufihle lokho. Yebo ibhasi ayikho sesimeni esifanele kodwa lo umshayeli uyaphuza futhi sithe uma sithi akame wathi ofuna ukugxuma akagxume ngoba yena ungumshayeli omdala,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe ujwayele ukuhamba ngaleli bhasi uma eyothenga isitokwe sesitolo sakhe oThongathi.
Umnikazi webhasi ozichaze ngokuthi unguShan ucele Isolezwe ukuthi lingamthwebuli izithombe ngoba akafuni ukuvela emaphephandabeni.
Uthembise ukuthi uzokhokha izindleko zomndeni odilikelwe wumuzi nezalabo abalimele.
Ubehambisana namaphoyisa ngesikhathi ekhuluma namalungu omphakathi.
Uthe umshayeli webhasi ubalekile endaweni yesigameko ngoba esaba ukulinyazwa ngamalungu omphakathi akade evuthwa engabaselwe.
Amalungu omphakathi waKwaStaramu atshele uShan ukuthi afuna amabhasi asesimeni esifanele nokuthi aqikelele ukuthi abashayeli bakhe abaphuzi uma bethutha umphakathi.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Mluleki Mtungwa uthe kubaphatha kabi ukuba kube nezingozi ezingaka ngosuku olulodwa.
“UNgqongqoshe womnyango uMnuz Mxolisi Kaunda udumele ngalezi zingozi njengoba siqala inyanga yezokuthutha kuleli namhlanje (izolo). Kudumaza kakhulu ukuthi lezi zingozi zibandakanya ezokuthutha umphakathi. Njengoba siqala le nyanga sinomkhankaso wokuba abagibeli baphephe eKZN. Siyazwelana nemindeni yabalahlekile. Sizolandelela ukuthola imbangela yalezi zingozi,” kusho uMtungwa.
Amaphoyisa athunyelwe imibuzo ngalezi zigameko kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engakaphenduli.