Isolezwe

Kuhoxiswe isekhula ebichitha ukuqashwa kothisha ezikoleni

- MHLENGI SHANGASE

KUGOBE uphondo uMnyangwen­i wezeMfundo KwaZuluNat­al wahoxisa isekhula ebichitha ukuqashwa kothisha kusuka manje kuze kube uDisemba.

Isekhula engunombol­o 54 ibikhishel­we izikole ukuze kungaqashw­a othisha ngalesi sikhathi njengoba nyakenye ngoDisemba kwavumbuka othisha abaningi abaqashwa sekusele amasonto ngaphambi kokuba kuvalwe izikole ngoDisemba.

UDkt Enock Nzama, inhloko yomnyango, kule sekhula esayinwe ngoSepthem­ba 17 nonyaka ucacisa ngokuthi kusukela izolo akekho uthisha omusha okumele aqashwe kuze kube uDisemba 31 nonyaka.

Uthe ngalesi sikhathi izikole kumele zihlele uma kukhona uthisha ongekho kwabelwane ngomsebenz­i kodwa uma kunezimo eziphuthum­ayo izikole zingabhala zichaze ukuthi kungani kumele zivunyelwe ukuthi ziqashe othisha betoho.

Kweyokuhox­isa isekhula yangenyang­a edlule, uNzama ukhiphe enye isekhula engunombol­o 56 esayinwe ngoLwesihl­anu olwedlule lapho eveza khona ukuthi izohoxiswa ngoba kusaxoxwa nezinhlaka ezithintek­ayo.

UMnuz Allen Thompson, uMengameli weNatu, uthe umnyango uzama ngazo zonke izindlela ukungabakh­okheli othisha betoho.

Uthe kusuka ngoFebhuwa­ri kunothisha betoho abangaholi­le njengoba manje umnyango ungasafuni kuqashwe othisha abazosiza ezikoleni.

“Kunothisha ababalelwa ku-1 600 abangakhok­helwe ngumnyango abaqashwa beyitoho. Namanje umnyango uzama ukuthi ungaqashi ngokuthi uthi othishanhl­oko kumele babhalele wona uma befuna ukuqasha. Abafuni ukukhokhel­a othisha njengoba nabakwaGra­de R besakwelet­wa imali,” kusho uThompson.

Uthe abahambisa­ni nale sekhula ngoba kunothisha manje asebehanji­selwa amaphepha ezibhedlel­a.

“Kunomyeni womunye uthisha ongishayel­e ucingo ekhala ngokuthi akakwazi ukuya elivini yokubeleth­a ngoba kuthiwe akekho ozovala isikhala sakhe. Inkinga le ngoba othisha kudingeka bamake noma begula ngoba akekho ozokwenza umsebenzi wabo,” kuqhuba uThompson.

USihlalo weSadtu, uMnuz Phumlani Duma, uthe uma umnyango ungafuni ukuxabana neSadtu kumele uyilungise eyale sekhula.

Namhlanje le yunyana inesithang­ami nabezindab­a lapho izochaza okuningi ngale sekhula nangezinye izinto ezithinta ezemfundo.

UMnuz Sihle Mlotshwa, okhulumela umnyango, uthe bahoxise isekhula ngoba befuna ukuxoxa nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo.

Uthe isekhula ayisho ukuthi kungaqashw­a othisha kodwa ithi kumele kube nokwabelan­a ngothisha esikoleni uma kungenzeka ukuthi kukhona ongekho ngoba kuzoba yinkinga ukuqasha uthisha omusha ngalesi sikhathi.

“Sitshele izikole ukuthi uma zikuthola kunzima lokhu kumele zisazise,” kusho uMlotshwa.

Mayelana nothisha abangaholi­le, uthe bonke abaqashwa ngokomthet­ho bakhokhelw­a wathi uma kukhona abangakhok­helwe abeze ukuze bathole ukuthi kubambephi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa