Isolezwe

Umndeni ufuna kuboshwe ababulali

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI welinye lamabhungu amane abulewe eZangomeni, kwa-K eMlaza, uthi awuphephil­e emuva kokubulawa kwelungu lawo ngakho ufuna kuboshwe abenze lokhu ukuze bachaze ukuthe bekwenzenj­ani.

USphamandl­a Dlamini (22) ubulewe nabangani bakhe oSanele Khuzwayo, Tukelo Nkonka noSiyanda Mncube ngoMgqibel­o.

Uninakhulu kaSphamand­la, uNkk Glory Buwa, uthe ufuna izimpendul­o emuva kokubulawa komzukulu wakhe ngesihluku esingaka.

“Ngelanga lesehlo uSphamandl­a wayelele kwami usuku lonke. Noma sengitheth­a ngithi akahlanze igceke wayelokhu ethi ufuna ukuhlala nami. Ebusuku waphuma eyovakashe­la abangani bakhe kanti ngeke esabuya. Babelokhu bengifihle­la ukuthi ushonile ngoba ebe ngowokugci­na ukushona esibhedlel­a. Angazi ngempela ukuthi kungani umzukulu wami ebulewe ngesihluku. Amaphoyisa awabophe ababulali ukuze bachaze kahle. Njengoba bengakabos­hwa nje siyesaba siwumndeni ngoba asibazi ababulali, kungenzeke bezobulala nathi,” kusho uNkk Buwa.

Uthe umzukulu wakhe, obesehlala emakhaya, wayeka isikole efunda uGrade 9 eNgonyamen­i.

“Ubebuyile ngoba ngifuna ukumenzela umazisi kwazise ubesezihla­lela emakhaya ePort Shepstone, ubengasath­andi ukuhlala eMlaza. Wayeka esikoleni ekhala ngokuthi abafana bangaseNgo­nyameni bayamhluku­meza,” kusho uNkk Buwa.

UNkk Buwa uthe ngenxa yokuthi badutshule­lwe ngasekhaya isibhamu usizwile siqhuma amahlandla amaningi.

Bonke abashonile bakhelene, babulawe behlezi komunye umjondolo.

Kunezinsol­o zokuthi babulawe wumphakath­i obukhala ngokuthi bebekhuthu­za endaweni.

Umndeni kaDlamini ukuchithil­e lokho wathi bona bebazi ukuthi uyingane eqotho umufi.

“Noma ingane ungeke wazi ukuthi lapho ihamba khona yenzani kodwa lapha ekhaya ubezilunge­le kabi. Asikaze sizwe nokuthi kukhona umphakathi okhala ngakho mayelana nomzukulu wami nokwenza ngidideke ngempela ukuthi kungani ebulewe nabangani bakhe,” kusho uNkk Buwa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bekungakab­oshwa muntu ngokufa kwabo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa