Isolezwe

Udingisiwe oshaye ingane yazibulala

- NONTUTHUKO NGUBANE

UDINGISWE wumphakath­i waseNkanin­i eMayville owesifazan­e osolwa ngokushaya indodakazi yakhe ubusuku bonke eyisola ngokweba uR300 yagcina ngokudla ushevu yazibulala.

U-Angel Mosoaka (15) ushonele esibhedlel­a saseR K Khan ngoLwesihl­anu emuva kokuba unina emshaye ubusuku bonke ngoLwesith­athu emsola ngokweba imali yakhe.

Lo mfundi kaGrade 10 kuthiwa ubalekile kubo eMayville waya kugogo wakhe eHammarsda­le nokuyilaph­o ebonwe khona ezibhonqa ngoLwesine esedle ushevu wokubulala ukhula.

Uphuthunyi­swe emtholampi­lo wendawo kwanhlanga zimuka nomoya wabe eseyiswa esibhedlel­a lapho efike washonela khona.

NgoLwesihl­anu unina kamufi, uNkk Ntsepeng Mosoaka, uphume ngesamagun­dane kule ndawo umphakathi uthi awumqede umsola ngokuhluku­meza ingane nokuba nesandla esiqinile nakomakhel­wane njengoba kuthiwa useke wagenca izinja ezintathu ngocelemba ngoba exabene nomakhelwa­ne wakhe.

Usihlalo wekomiti lomphakath­i kule ndawo, uMnuz Mlungisi Mokoena, utshele Isolezwe ukuthi abasamding­i endaweni.

“Sicele ukuba athathe izimpahla zakhe ahambe ngoba bekuke kwabikwa ukuthi akahlezi kahle nomakhelwa­ne. Udaba lokushaya indodakazi yakhe ize iphuze ushevu lona luwucike kakhulu umphakathi njengoba ephinde wadelela ngesikhath­i sekufike umyalezo wokushona kwengane ethi uyawumema umphakathi uzodla inyama yamahhala emngcwaben­i wengane yakhe,” kusho uMokoena.

Oninalume bengane eshonile, oMnuz Joseph Thusi noMatlomul­a Thusi bathe bafisa aboshwe udadewabo ngalesi sigameko ngoba siyabaphox­a njengomnde­ni futhi akuyona ingane yokuqala izibulala ngenxa kadadewabo.

“Udadewethu ungitshele ukuthi ingane uyishayile kulandela ukulahleka kukaR300 endlini kodwa bengingazi ukuthi uyishaye ubusuku bonke njengoba kusho omakhelwan­e. Sidumele kakhulu siwumndeni ngoba ngisuke eMatatiela kuthiwa ingane idle ushevu, endleleni ngathola umyalezo wokuthi isishonile. Udadewethu vele ungumuntu onesandla esiqinile ezinganeni,” kusho uThusi (Matlomula).

Omalume bengane bathe enye ingane kadadewabo yazibulala ngo-2011. Bathe nayo yayineminy­aka elingana neyalena eshonile. Kuthiwa yazihilela eHammarsda­le ngoba isaba ukuthi unina uzoyishaya ngoba yayilahle ishethi.

Yona kuthiwa yabhala incwadi ivalelisa kunina. Lena eshone ngoLwesihl­anu kuthiwa ayizange iyibhale incwadi kodwa ikhale ngempatho kanina.

Kuthintwa uNkk Mosoaka udinwe wathelwa ngamanzi wathi akukho angakuphaw­ula ngalolu daba yena maqede wagaklaza ucingo.

Izolo umndeni ubusayovul­a idokodo emaphoyise­ni ngokushona kwengane kwazise esibhedlel­a bathe ngeke sidedelwe isidumbu ngaphandle kwecala elivulwe emaphoyise­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa