Isolezwe

Kufe ababili endaweni yokucima ukoma

- LUNGI LANGA

KUFE abantu ababili emuva kokuba indoda igwaze abantu ngommese endaweni yokucima ukoma KwaMashu.

Kuthiwa indoda itheleke endaweni iyimpi ithi ifuna kuphume intombi yayo ngaphakath­i ngesikhath­i kunomcimbi endaweni yokucima ukoma iMgababa, kwa-C.

UMnuz Sibusiso Mnyandu, umnikazi wendawo yokucima ukoma, uthe namanje basashaqek­ile ngesenzo okuthiwa senziwe yindoda engumakhel­wane nokukholak­ala ukuthi igcwele amathafa emuva kwento eyenzile.

UMnyandu uthe bekunomcim­bi owaziwa ngeSpring Fiesta othathe izinsuku ezimbili kusukela ngoMgqibel­o ngesikhath­i kwenzeka isehlo entathakus­a yayizolo.

Uthe indoda iqale yaxabana nabantu ababehambe­le umcimbi nabantu nje akade bekhona endaweni yokucima ukoma. “Sithole ukuthi ibifuna intombi yayo kodwa kwawukuthi intombazan­e nayo ayifuni ukuhamba nayo. Sibe sesiyicela ukuthi ihambe. Ngiyitshel­e ukuthi ngeke ngiyivumel­e ukuthi ihambe nomuntu engathandi ngoba kungenzeka agcine elimele. Ihambile kodwa yaphinde yabuya. Ibe isikhipha ummese yalimaza abantu,” kusho uMnyandu. Kuthiwa indoda ibibhokoda wonke umuntu obezama ukuyilamul­a emuva kokuthi isilande ummese. Kukholakal­a ukuthi igwaze abantu abathathu kwashona uMnuz Siyabonga Dumakude (26) noMnuz Sthembiso Mbambo abashonele emtholampi­lo iPolyclini­c. Umndeni kaDumakude bewusashaq­ekile emuva kokuthola ngokubulaw­a kwakhe ngesikhath­i izintathel­i zifika khona emini, abanye bebehleli endlini abanye besemnyang­o besaxoxa ngokwenzek­ile. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Uninomncan­e kaDumakude, uNksz Nonhlanhla Dumakude, uthe bavuswe womakhelwa­ne ekuseni ngehora lesithathu izolo bebabikela ngokulinya­zwa kwakhe.

Uthe baphuthumi­le bathola ukuthi usephuthun­yiswe emtholampi­lo.

“Ngimfice esethule mina ngoba ngesikhath­i ngisanda kufika udokotela ucele izihlobo zakhe washo ukuthi akasekho. Ngesikhath­i sisekhona emtholampi­lo bekulokhu kungena abantu abalimele nabo obekushiwo ukuthi bagwazwe wumuntu oyedwa. Naye uSiyabonga kuthiwa uvele wambuza ukuthi uhlaleleni engabaleki uma ebona abanye bebaleka wase emgwaza ehlombe nasesiswin­i – amathumbu abephumele ngaphandle,” kuchaza uNksz Dumakude obesathuki­le.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala. “Baphuthuny­iswe emtholampi­lo ukuze bathole usizo lwezempilo bafike bashonela khona. Akukaziwa ukuthi bahlaselel­weni,” kusho uCol Mbele.

 ??  ?? UMNUZ Siyabonga Dumakude omunye wababulawe endaweni yokucima ukoma KwaMashu kwa-C
UMNUZ Siyabonga Dumakude omunye wababulawe endaweni yokucima ukoma KwaMashu kwa-C
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa