Isolezwe

Bashaqekil­e kubulawa abafana beqembu lengoma

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI nomphakath­i waseSobant­u, eMgungundl­ovu, usathukile ngesigamek­o sokudutshu­lwa kubulawe abafana abathathu beqembu lengoma Abadlovozi.

USiyabonga Xolani Hlomuka (16 ), u-Asanda Mbatha (15) noSandile Mbatha (15) bahlaselwe babulawa besemjondo­lo ngoMgqibel­o ebusuku.

AbakwaMbat­ha kuvele ukuthi bangamawel­e.

Kulesi sigameko kuthiwa kudubuleke nabanye abathathu okubalwa nentombaza­ne. Imibiko yaphambili­ni ibiveze ukuthi bane abafana abashonile kodwa kubuye kwavela ukuthi usesibhedl­ela owesine uyelashwa.

Uninalume kaSiyabong­a, uMnuz Sipho Mbatha, uthe namanje kusenzima ukwamukela ukuthi umshana wakhe ubulewe ngale ndlela.

“Umshana wami ubeculela iqembu Abadlovozi okunezinso­lo zokuthi yikhona okubadalel­e amazinyo abushelele­zi. Ubeyithand­a ingoma futhi ejwayele ukuvakashe­la abangani bakhe ukuze baqhubeke nengoma yabo. Kumele amaphoyisa nomphakath­i besebenzis­ane ukuze kuboshwe laba ababulele izingane. Akuthina esiwumnden­i kuphela esishaqeki­le kodwa umphakathi wonke ngoba lokhu kungaba yisihlava esibi uma kuqhubeka,” kusho uMbatha.

Isolezwe lithole ukuthi uSiyabonga ubeyingxen­ye yeqembu iThambovil­le kodwa ube esesuka ejoyina leli laseSobant­u, Abadlovozi. Kusolwa ukuthi yikhona lokhu okususe umsindo njengoba uSiyabonga ubenza kahle kakhulu neqembu lakhe elisha futhi eqhamuka nemidanso emisha.

USiyabonga ubefunda uGrade 8 eSobantu High.

Namhlanje uNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda kulindelek­e avakashele imindeni yabashonil­e abheke nezokuphep­ha endaweni.

Okhulumela amaphoyisa aseMgungun­dlovu, uCaptain Gay Ebrahim, uthe bathungath­a abasolwa ababulele abantu abathathu.

“Okwamanje akekho oseboshiwe ngalawa macala. Uphenyo lwamaphoyi­sa luyaqhubek­a,” kusho uCaptain Ebrahim.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa