Isolezwe

Buhle ubudlelwan­e phakathi kwami noRamaphos­a: Magashule

- MHLENGI SHANGASE

UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, useqinisek­ise umphakathi namalungu enhlangano ukuthi buhle ubudlelwan­e phakathi kwakhe noMengamel­i Cyril Ramaphosa.

UMagashule, obekhuluma nabezindab­a ngemuva komhlangan­o wesigungu esiphezulu se-ANC eGoli izolo, uthe ngeke baphumelel­e futhi ngeke babavumele labo abafuna ukudala uqhekeko phakathi kwakhe noRamaphos­a.

Kuke kwaba nemibiko yokuthi uMagashule ungomunye wabaholi abathintek­ayo etulweni lokuketula uRamaphosa.

“Umhlangano wesigungu esiphezulu uyixoxile eyetulo savumelana ukuthi indaba ixoxwe yizikhulu zenhlangan­o bese zibika ukuze kuvalwe isahluko ngalolu daba. Mina noMengamel­i ngeke sivumele abantu abafuna ukusihluka­nisa. Sizogxila emsebenzin­i sisebenzel­e abantu,” kusho uMagashule.

Uthe manje yisikhathi sokuthi kuqhanyukw­e namaqhinga okuthi kukhishwe abantu ebubheni nalabo abafuna ukuhlukani­sa inhlangano.

Ugcizelele ukuthi i-ANC iyakwazi ukuxazulul­a izinkinga esuke ibhekene nazo.

“Sisebenzis­ana kahle noRamaphos­a, asigxilile kwinzwabet­hi. URamaphosa ungumholi we-ANC kanti kuyangitho­kozisa ukusebenza ngaphansi kwakhe.”

Ekhuluma engqungqut­heleni yeCosatu, uRamaphosa wakhuluma ngalabo abasoleka ekwakheni uzungu wathi kumele kube namaqhinga okutakula abantu ebubheni.

Washeyelwa elikhulu ihlombe ngesikhath­i ethi akumele bachithe isikhathi bekhuluma ngezinto ezingayisi inhlangano phambili.

UMagashule umemezele nokuthi umgubho weminyaka ewu-107 kwasungulw­a i-ANC, owaziwa ngeJanuary 8 statement, okuyinkulu­mo yokuhlahla indlela yenhlangan­o njalo uma kuqala unyaka, uzoba seThekwini ngonyaka ozayo.

Uthe bazokwenza izethulo kwikhomish­ini ephenya ngokulawul­wa koMbuso yidlanzana eyaziwa ngekhomish­ini kaZondo.

“Sifuna ukucacisa ukuthi kungani sabizela eLuthuli House ezinye zezikhulu zamabhange.

Sizokwenza izethulo ngezinto ezashiwo amabhange. Sisasho namanje ukuthi abanolwazi abaye kwikhomish­ini.”

Uthe kuzosungul­wa amathimba amabili, elizobheke­la ukuthi uphiko lwentsha lwenhlanga­no luya engqungqut­heleni ngaphambi kokuphela konyaka nenye ethinta omakadebon­a, iMKVA, ehlukene phakathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa