Isolezwe

‘Bekungeke kugwenywe ukunyuka kukaphethr­oli’

- BONISWA MOHALE

I-IFP inxuse uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi ahoxise intela ekhokhwa ngabashaye­li uma bethenga uphethroli ewuR5.30 elitheni.

Izolo uMnyango wezaMandla umemezele ukuthi uphethroli uzonyuka ngo-99 cents nangoR1 bese udizili unyuka ngoR1.24 cents, upharafini unyuke ngoR1.04 cents ilitha ngoLwesith­athu.

UMnuz Mkhuleko Hlengwa, okhulumela i-IFP kuzwelonke, uthe ngenyanga edlule babhalele uRamaphosa incwadi bemcela ukuthi ahoxise intela kaphethrol­i kodwa akakaze aphendule kuze kube manje.

“Umnotho wethu awukhuli, isibalo sabantu abaswele umsebenzi siyanyuka, intela inyukile kodwa imiholo ayikanyuki. Sekuyisikh­awu sika-10 kunyuka uphethroli. Kufanele kuhoxiswe intela ekhokhwa abashayeli uma bethenga uphethroli. Sekuyisikh­athi sokuthi uRamaphosa ehlise umthwalo emahlombe abantu,” kusho uHlengwa.

Isazi somnotho esigxile kwezolimo eFNB, uMnuz Paul Makube, sithe ukunyuka kukaphethr­oli bekungeke kugwemeke ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika iwuthenga emazweni angaphandl­e lapho udayiswa ngeDollar lase-United States.

“Amazwe akhiqiza uwoyela awafuni ukunyusa umkhiqizo wawo lokhu kudala ukuthi kube nophethrol­i olingene okwenza ubize kodwa uma umningi uyashibha. Kuzozwela kubathengi ngoba ukunyuka kukaphethr­oli kusho ukunyuka kokudla,” kusho uMakube.

Uthe abantu ngeke babe nemali yokuzikhip­ha ngoba amasentsha­na abanawo kufanele benze ngawo izidingo ezibalulek­ile.

Uveze ukuthi ukudla kuzonyuka ngoba abalimi basebenzis­a udizili ukulima, umanyolo namakhemik­hali abulala izinambuza­ne ezitshalwe­ni kuyabiza okusho ukuthi izindleko zizodlulis­elwa kubathengi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa