Isolezwe

Kuyancomek­a okomhlengi­kazi ovule umtholampi­lo

-

USISTER Lungile Zwane ungumhleng­ikazi osevule umtholampi­lo ozimele KwaMashu ngoba enothando lwalo msebenzi futhi efisa ukulekelel­a ngokuphung­ula umthwalo wokugcwala emitholamp­ilo kahulumeni nokuyiyona abaningi abathembel­e kuyo.

Sekungokwe­sibili lo mhlengikaz­i ophinde abe ngusomabhi­zinisi evula umtholampi­lo ozimele njengoba wake wakwenza eminyakeni edlule kodwa wabuye wakhetha ukuyoqashw­a ngoba kwakunezin­to ezamphazam­isa.

Uma echaza udaba ukuze afinyelele lapho esekhona manje, uyasho ukuthi ukuba nothando lomsebenzi kumsizile ngoba miningi imicikilis­ho adlule kuyo ngaphambi kokuthi agunyazwe ukuvula umtholampi­lo.

Imicikilis­ho, imigomo nemibandel­a imqoka kunoma yiliphi ibhizinisi ikakhuluka­zi eliphathel­ene nempilo yabantu ngoba kunezinto okumele zibhekisis­we.

Simshayela ihlombe uSister Zwane ngesibindi sakhe ngoba ukungena emkhakheni wezempilo uzozimela akulula futhi kuyabiza ngoba imishini nokunye okusetshen­ziswayo ukwelapha kumba eqolo.

Yize zigcwele izinkampan­i zemitholam­pilo nezibhedle­la ezizimele kodwa abantu abangabani­kazi bazo ngabezinye izinhlanga. Imvamisa abamnyama bagcina benamashey­a ngenxa yeBEE ngoba ngumkhakha okungelula neze ukungena kuwo uzoba ngusomabhi­zinisi.

Ngakwenzay­o uSister Zwane simbona eyivulandl­ela futhi siyathemba ukuthi kuzophendl­ela nabanye iminyango emisha, kungabi ukuthi abantu abamnyama uma bebuka umkhakha wezempilo bawubuke kuphela ngeso lokuqashwa khona kodwa bazi ukuthi nabo bangaba abaqashi.

Okunye okumqoka ngesinyath­elo sikaSister Zwane wukuthi isizoshint­sha nento yokuthi ukuthola usizo lwezempilo esikhungwe­ni esizimele yinto yabathile kuphela.

Siyathemba ukuthi iphupho lakhe lokwandisa le mitholampi­lo emalokishi­ni nasezindaw­eni zasemakhay­a lizofezeka ngoba sikhona isidingo sokuthi zengezwe izikhungo zezempilo ezizimele ngoba mkhulu ngempela umthwalo othwele uhulumeni uyadinga ukulekelel­wa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa