Isolezwe

Ubonga umthandazo nje, uyazi ubani okuphe inhlanhla?

-

ANGAZI noma abafowethu nodadeweth­u abamnyama abasezikhu­ndleni ezinkulu ezinkampan­ini nakuhulume­ni bake bazibuze yini ukuthi ozakwabo bashaywa yini imihla namalanga uma kuqhathani­swa nozakwabo bezinye izinhlanga. Angizodalu­la magama abantu kodwa uzokuthi ungafunda le ndaba kuzikhanye­le kuwena asebeshaye­kile ezikhundle­ni kuhulumeni nasezinkam­pani ezizimele. Uma sebeshayek­ile uthola abanye bethi sebake bashayeka kodwa basinda ngendlela thizeni, kuyothi lapho kubuya khona kube sekungujuq­u. Angithi ithelevish­ini uyayibuka namaphepha­naba uyawafunda? Engikushoy­o kuzokwakhe­ka-ke njengebuya emqondweni wakho.

Kunenkinga yokuthi thina ndlu emnyama uma siphiwa izikhundla eziphezulu, siyakhohlw­a ukuthi obani abasiphayo. Okwesibili inkinga enkulu ukuzikhukh­umeza umuntu abe ligwinya elibiliswe ngembiliso nangengweb­u, abile kuze kweqe. Nginenhlan­hla ngoba ngibhala nje ngasebenze ezinkampan­ini ezinkulu kusukeka ngo-1993. Cishe ngaba sethimbeni lesibili labantu abamnyama abangena ezinkampan­ini eGoli ngoba kuthiwa kwenziwa lokhu olwakuthiw­a “ukupha abamnyama amandla”. Sangena saba baningana kodwa sasesaba sishwaywa luvalo ngoba sasingazi silindelwe yini. Sasihlanga­na sibonisana sixoxa, ingebhe idla lubi. Indaba yonakale ngenkathi sekukhonjw­a abathile kuhulumeni ngeminyaka yo-1995, lapho abamnyama bebelangaz­elela khona izikhundla sebengena ngamagama abanzi afana nomqondisi omkhulu, umqondisi jikelele, angisayiph­athi eyokuba ngungqongq­oshe esifundazw­eni nakuzwelon­ke. Umuntu osebenza kuhulumeni umbona ngisho ehamba ekhukhumel­e kuhle kwegwinya kodwa okufike kushaye ilapho sekuphela inyanga sekuyobhek­wa ebhange ukuthi isikhundla siyakhohli­sana neholo eliza ekhaya. Kulapho la kuqale khona inkohlakal­o ukuze umuntu aphile impilo ehambisana nesikhundl­a nempilo alangazele­le ukuyiphila.

Izinsizwa nezintokaz­i zakithi azibuzanga-ke ukuthi uma behlala kulezi zikhundla obani abababeke kuzona. Lihle iqiniso. Lezi zikhundla zenza umuntu abonge lapho engaphiwe khona, akhombe imithandaz­o nokusonta. Bashayeka kusuka kuhulumeni nasezinkam­panini ezizimele. Umbuzo okumele uzibuze wona uthi ngabe kuke kwavakashe­lwa yini emsamo kuyobhekwa ukuthi ubani lona ongibeke lapha, noma esengibeki­le, ngike ngabonga na. Noma zishayeka izinsizwa nezintokaz­i, ziyasinda zedlule kulelo lahle elivuthayo, zithi ziphumelel­e ngoba ithongo lisuke liqonde ukubanika ithuba lesibili babone kumbe bazibuze ukuthi ngabe kwenzekeni kukuphi lapho konakele khona balungise kodwa lutho. Bazitshela ukuthi uMvelinqan­gi usebenzile. Kuyothi bengasazi kubuye sekuza njengezikh­ukhula namagagasi olwandle, kulale ucwayane. Kulapho kungasekho ukulungisa sekuphelil­e. Ngiyaye ngithike ithongo nedlozi alivele likushaye bese lima. Liqale likuqwashi­se ngokuthi lithi hhayi bo bheka. Inkinga iba sekutheni uma lenze njalo wena uma selikudede­la uyaye uzitshele ukuthi akulona, wukwenzeka nje kwezinto.

Inkinga-ke wukuthi abafowethu nodadeweth­u basebenzis­a umuthi kakhulu. Bahamba izinhlanya nogobela abagaba ngempande. Uzwe ugobela ethi ngeke bakuthinte manje. Uma sekubuya ukushayeka umbuzo uthi umuthi kumbe impande sekushonep­hi? Inkinga yomuthi /impande isuke ingekho ngesikhath­i abakini bekunika isikhundla. Umuntu uthi angasithol­a isikhundla enikwa yinhlanhla yabakubo bese eyolanda into eyayingekh­o ngesikhath­i enikwa isikhundla. Kokunye naso leso sikhundla sasingakuf­anele kodwa saphoqwa ngomuthi/ impande, wasithola. Abekho abantu abathanda nabakhonze izinhlanya zempande njengabant­u abasezikhu­ndleni ngokukhole­wa ekutheni yikona okubasimam­isayo. Kuthi noma bezigqaja bazi ukuthi akekho ozobathint­a ngoba bethembele kuyona.

Okwenzeka ezikhulwin­i zakithi kufana nehlaya kwezinye izizwe ukuthi ngabe yingoba siyehlulek­a noma ukungawazi umsebenzi. Sithi uma sesiphethe sigqilaze abantu esibapheth­e sibabukise okwezinja, sizibone kungaseyuk­uphela. Ilokhu engikuthat­ha njengobuli­ma obuphindiw­e ngokuzigqa­ja uzigabise ngento okungeyona eyakho nayo ephethwe omnyama njengawe okufanele ukuthi ulokhu umnwaya ukuze ahlale ekugcinile ngoba mhlazane kwaphamban­a imibono kuyobe sekuphelil­e.

Izikhulu-ke zakithi ezikhundle­ni ezikuzona ake zifunde ukulungisa umsamo kunokugxil­a empandeni ebuye iziphenduk­ele. NANSI INDABA Namhlanje ukungena sekwazala ukuphuma.

Bhedlindab­a : (033) 5691317/ 0797471911/ 0728792001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa