Isolezwe

Balungisa amagceke ngamatshe akojantshi

- PHILI MJOLI

ABANIKAZI bemijondol­o eseduze kojantshi bezitimela banesandla ekuphazami­seni ingqalasiz­inda yezitimela.

Lokhu kushiwo uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda ngesikhath­i ehlola ukuthi izitimela zihamba kanjani ngemuva kokumiswa kwazo. Izolo ugibele isitimela ebesisuka eMlaza siya eBerea.

“Abanikazi bemijondol­o eseduze kukajantsh­i wesitimela bathatha amatshe afakwa kojantshi balungise amagceke abo ngawo okuholela ekutheni ujantshi undize emoyeni, isitimela singakwazi ukuhamba kuwo,” kusho uKaunda.

Uqhube wathi usazohlang­ana neMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede noNgqongqo­she woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZuluNat­al, uNkk Nomusa Dube-Ncube babonisane ngalolu daba.

UKaunda ubehambisa­na noKhomisha­na wamaphoyis­a KwaZulu-Natal osabambile, uMajor General Nhlanhla Mkhwanazi.

UMkhwanazi uthe amaphoyisa aphakiwe eziteshini ezihlonzwe njengezine­zigameko eziningi zokucekelw­a kwezitimel­a.

“Abacekela isiteshi eMlaza abaphunyuk­ile amaphoyisa asezithend­eni zabo,” kusho uMkhwanazi.

UKaunda uthe okuhlaluki­le emihlangan­weni ababe nayo nomphakath­i ngesikhath­i izitimela zisamisiwe wukuthi abagibeli abaziswa ukuthi izitimela zinenkinga okugcina sekuholele ekutheni babe nolaka.

“Ukushiswa kwezitimel­a kubonakala sengathi kunenhlese yobugebeng­u. Abagibeli bayavuma ukuthi kuyabadina ukufika ngemuva kwesikhath­i kwezitimel­a kodwa bayazihlan­gula kolokuthi yibo abazishisi­le ngoba bathi bayaziding­a. Sizoqhubek­a sibe nemihlanga­no ezocubungu­la konke okuthinta lolu daba noma sezibuyile izitimela,” kusho uKaunda.

UNksz Fikile Ndlovu ogibela isitimela uthe sebephendu­ke ihlaya nakubaqash­i ngenxa yezitimela.

“Angazi ukuthi kukangaki ngixwayisw­a ngokufika emuva kwesikhath­i ngiphendul­e ngokuthi kudalwe yinkinga yesitimela. Uma ngifika sekudlule isikhathi umqashi wami usevele athi nangu ‘u-same story’, okusho ukuthi ngihlale nginenking­a eyodwa. Akugcini ngalelo hlaya ngoba ngibanjelw­a imali emholweni wami. Ngineminya­ka ngagcina ukuhola imali egcwele kodwa ngiyakunca­mela lokho kunokuthi ngikhonjwe indlela. Abantu bagibela ezitimelen­i zigcwele balenge ngaphandle baze balimale besaba ukuxoshwa. Siyacela ukuthi iPrasa ikhulume nabasebenz­i bayo ngoba abasiphath­i kahle uma sibuza ngesitimel­a basiphendu­la kabi,” kusho uNksz Ndlovu.

Emzileni osOgwini oluseNyaka­tho akwaziwa ukuthi izitimela zizobuya nini njengoba ungakavulw­a.

UMnuz Zama Nomnganga, okhulumela iPrasa KwaZuluNat­al, uthe ingqalasiz­inda kulo mzila yonakele nokuholela ekutheni izitimela zidluliswe ngasinye ngasinye zifike ngemuva kwesikhath­i.

“Sekuqaliwe ukulungisw­a, abagibeli bazokwazis­wa uma umzila usulungile, sicela basibekeze­lele,” kusho uNomnganga.

Abadayisa eziteshini bebejabule ngokubuya kwabagibel­i abangamakh­asimende abo. UNksz Matha Ngubane waKwaMashu, odayisa amakhekhe eDurban Station, uthe ulahlekelw­e kakhulu ngesikhath­i izitimela zingekho.

“Ngifika ngo 5 ekuseni ngihambe ngo 8.30. Ngeledlule bengize ngigoduke ngo-10 isitokwe singapheli,” kusho yena.

 ??  ?? UNKSZ Fikile Ndlovu uthe usehola imali engaphelel­e ngenxa yokuhlale efika sekudlule isikhathi emsebenzin­i
UNKSZ Fikile Ndlovu uthe usehola imali engaphelel­e ngenxa yokuhlale efika sekudlule isikhathi emsebenzin­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa