ISasco ihlulwe yi-EFFSC okhethweni
ITHOLE umyalezo wokuvuka izithathe inhlangano yezitshudeni iSasco KwaZuluNatal ehlulwe okhethweni yi-EFF Student Command ezikhungweni zemfundo ephakeme ezintathu.
ISasco ithe izinkinga zangaphakathi yizona ezibe yimbangela yokuhlulwa.
I-EFFSC idle umhlanganiso eDurban University of Technology, Mangosuthu University of Technology nasenyuvesi yaseZululand, oNgoye kwathi iSasco yadla umhlanganiso enyuvesi yaKwaZuluNatal. I-EFFSC idle umhlanganiso ophikweni lwase-UKZN, eWestville kwathi iSasco yabuyisa izintambo ophikweni lwase-UKZN obeluphethwe yi-EFFSC eMgungundlovu.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uSihlalo weSasco, uMqondisi Duma, uthe kumele bazihlole bona nenhlanganisela yezinhlangano yezitshudeni ezidlelana ne-ANC, iProgressive Youth Alliance ngokuhlulwa.
“Kumele sibuyele ekwesekweni yizitshudeni. Kumele sizisole thina ngokuhlulwa kulezi zikhungo. Ukuhlulwa kwethu akusho ukuthi yingoba izitshudeni zingasasifuni,” kusho uDuma.
Uthe kuba njalo uma kunokhetho inhlangano iyawina kulokhu, ngokulandelayo kuwine enye.
“Akusho ukuthi njengoba sihluliwe izitshudeni yingoba zingasaboni ukuthi simele zona. Sizoqhubeka nokulwela izitshudeni ngoba siyinhlangano asigcini nje ngokungenela ukhetho kodwa sisiza izitshudeni,” kusho uDuma.
ULusanda Zwane, umgcinimafa weSasco esifundazweni, uthe kwezinye izikhungo abahlulwanga ngoba bengasebenzanga.
“Uma ubheka nje eMUT izitshudeni zithe sisebenzile kodwa bese siphethe isikhathi eside sezithi asidedele abanye. Kokunye bebebona kukhona ukuphikisana kwabaholi ezinkundleni zokuxhumana okwenze bavotela ezinye izinhlangano.”
Ukhale nangokuthi kwezinye izikhungo bahlulwe ngoba izikhungo zishintshe uhlelo lokukhipha imali yezitshudeni.
“Uthola ukuthi lokhu kugcine kwabuya kwazoshaya iSasco ebiphethe kulezi zikhungo okuyinto eyenziwe izikhungo. Kwezinye, izitshudeni bezikhala ngokuthi zifuna kuvuleleke kube nezindawo eziningi lapho zingathenga khona ukudla okugcine ngokuthi kungenzeki,” kusho uLusanda.
UDuma uthe okwenzeke ezikhungweni behlulwa akusho ukuthi ilokhu okuzokwenzeka uma sekuvotwa okhethweni lwangonyaka ozayo.
I-Economic Freedom Fighters Students Command eHoward College izwakalise ukukhathazeka ngemiphumela yokhetho lwezitshuneni eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Izitshudeni eziholwa nguMnuz Luyanda Ndlovu onguSihlalo we-EFF eHoward College zithe imiphumela yokhetho ayikhombisi ukuthi bekunentando yabantu.
Zibalule ukuthi ziwu 3 368 izitshudeni ezivotile futhi kube namavoti awu-32 amoshiwe kodwa izibalo eziphumile azikuvezi lokhu.
Zithe zibhalele ikhomishini yokhetho ephethwe nguMnuz Mzomuhle Mhlongo noShanela weNyuvesi yaKwaZulu-Natal ukuze aphenye ngalolu daba kodwa bezingakayitholi impendulo.
“Sicela ikhomishini yokhetho isivezele amavoti anyamalele ngoba amele izitshudeni ebeziphume ngobuningi bazo ukuze zivote. Sifuna kube nentando yabantu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal,” kusho izitshudeni ze-EFF.