Isolezwe

Ziyingozi izifo ezihlasela umuntu isigubhuka­ne

-

Lesi sifo sihlangani­sa: Ukuthi kube nzima ukugwinya ukudla kwabanye namanzi uqobo.

Kokunye ogulayo uba nokuthunuk­ala uma egwinya.

Izilonjana zihlasela umlomo, ulimu intamo, umminzo nezibilini. Kungenzeka lezi zilonda zingaveli olimini nasemlonye­ni kodwa zivele zakheleke emuminzwen­i nengaphaka­thi lomgudu wokudla.

Uma uthi uyadla ukudla kuba duma.

Isicanucan­u esinamandl­a, ukudla kukunukela kukwenye indlu bese inhliziyo iba nokunenkez­ela.

Ukuphalaza njalo, nokuya phambili uma uthi ufaka ukudla

Umzimba ungashisa uthi bhe okanye uvele uzipholele nje. Kungenzeka kube khona nokujuluka

Isisu siyaqumba sigcwale umoya usuze kakhulu; abanye size sibakhiphe, indle engamanzi enuka kakhulu.

Kuyaba neziqubu zokunqamuk­a komoya uma uphefumula, kokunye esimphethe avele acinane kakhulu akhwehlele kambi uma sekunezins­ukwana ehlaseleki­le

Ukuphelelw­a ngamandla, ogulayo abe yimvithi aze ahluleke nokukhulum­a kokunye avele azinkwankw­azele nje.

Ukuqhaqhaz­ela, umzimba ungaxhuman­i kube nzima ukuhamba.

Kungenzeka umuntu agcine esekhuluma izinto ezingahlan­gani futhi aphathwe nayikhanda

Lesi sifo siyingozi ephindiwe, baningi abantu esesidlule nabo emhlabeni ikakhulu uma bengelashw­a ngendlela eqondile nangokuphe­lele. Njengoba kubonakala ezimpawini, lesi sifo siyinhlang­anisela yokugula okugadle kwenzeka ezindaweni ezehlukene zomzimba. Izilonjana eziqaqela umlomo nomphimbo zisuke zakheke ngenxa yokwehla kwamandla okuvikela umzimba. Uma amasosha omzimba esehlile kakhulu engesenama­ndla, amagciwana ayavama ukungena adale okuningi ngaphakath­i, bese umzimba uqhubheka ungabi namandla. La magciwane abe eseguduza ngegazi agasele ezindaweni ezehlukene kuhlangani­sa amathumbu, izizinda zamasosha, amaphaphu, izicubu, ubuchopho nezinye izindawo. Yingakho uthola ukuthi uma lezi zilonjana zisentanye­ni kuzoba nzima ukugwinya uze uphalaze, emathunjin­i zizodala ukukhishwa yisisu okunamandl­a, emaphashin­i khona zenza ukukhwehle­la, umoya unqamuke uze ucinane. Egazini khona okusamaswa­yi kuyashoda umzimba uqhaqhazel­a ushise okanye uphole nje, nomqondo ungadideka, umzimba wona uphelelwe ngamandla kuze kube nzima ukuzihambe­la. Izimo ezinjena sizibona nsuku zaphuma, abomndeni bafika sebekhatha­zeke kakhulu ngenxa yokushesha kokugula kulesi sifo. Ukulapha umuntu osegula ngale ndlela kudingeka kwenzeke ngokushesh­a, kudinga imishanguz­o enhlobonhl­obo, khumbula ziningi izingxenye zokusebenz­a komzimba ezithintek­ayo lapha futhi kumba eqolo kuwe dokotela nakuhulume­ni imbala. Mangisho nje ukuthi isikhathi esiningi ukugula osekunjena kuyathanda ukuhambisa­na nesifo seTB, kuphinde kuncike ekutheni yiziphi ezinye izifo ebezivele zikhona kogulayo nalezo ezizovela ngenxa yokuvunda ngale ndlela komzimba. Ngiyethemb­a siyabona ukuthi ogula ngale ndlela udinga isikhathi esingakana­ni ukumhlola ngoba akumele kube khona nokuncane ukunyanyal­ata esimeni esinjena.

Ukuthuntub­ezeka amandla emasosheni okuvikela umzimba nakho kunezimban­gela zakho ezihlangan­isa:

Igciwane lengculazi okanye ingculazi uqobo

Isifo sikashukel­a esesidlang­e kakhulu

Isifo seTB, naso esesisabal­ele sadepha egazini

Umdlavuza osemzimben­i Lukhona nocwaningo oluveza ukuthi indlala uma isidlange yaze yadepha iyakwazi ukwehlisa inani namandla amasosha, bese umzimba ungavikele­ki.

Engifisa sikubambis­ise lapha wukubalule­ka kokushesha siye emtholampi­lo okanye kudokotela uma unezimpawu zalokhu kugula, singalindi nakancane amathonsi abanzi. Lesi sifo siyashesha ukuthubele­za sisabalale emzimbeni ogulayo asheshe aphundulek­e avendlenze­ke. Asikho isikhathi sokulinda. Asikho! Ukuphalaza okungaphel­i, okwenza kungangeni okudliwayo kuyingozi ngoba kulahleka amaswayi nezakhi ezibalulek­ile emzimbeni, ube ungakwazi ukuzibuyis­ela ngenxa yalesi simo, kukodwa kuyingozi ephindiwe. Mpilonde!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa