Ingqungquthela ye-IFP ihlehlile kubanga izithunywa
BUCHITHEKE bugayiwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-IFP esiyingini saseNdumeni ngesikhathi kulwa izithunywa zibanga ukuvunyelwa kwababengamalungu eNFP nakaKhongolose ukuba bangenele izikhundla zokuhola iqembu.
Lokhu kwenzeke ngeSonto ntambama kwaze kwaphoqeleka ukuthi ingqungquthela ebisehholo eDundee ihlehle ngenxa yokuthi kuhluleke ngisho ubuholi buzama ukudambisa isimo kodwa kwabanhlanga zimuka nomoya.
USomlomo waseNdumeni, uNkk Bongiwe MbathaMakhathini ube manaphanapha yinhlamba ethukwa ngezinye zezithunywa zimsola ngokuthi ufuna ukuphendula i-IFP iqembu labantu abahamba bayishiya babuye babuya.
Kwale ngisho sekungenelela inkosi uRussel Cebekhulu ebithunywe wubuholi kodwa kwacaca ukuthi akekho ozimisele ngokwehlela ngezansi.
Abantu obekuliwa nabo abangenele izikhundla nguMnuz Xolani Msezana, obengenele isikhundla sokuba wumsakazi wezindaba zeqembu. Wayekade ekuNFP kodwa wabuya ngo-2016.
Omunye nguMnuz Linda Sgqiki Dladla ongenele isikhundla sokuba wuMgcinimafa weqembu. Naye wayekuNFP kodwa wabuyela kwi-IFP ngo-2016.
Kube uMnuz Sizwe Dube ongenele isikhundla sokuba yiphini likaSihlalo. Uhlubuke kuKhongolose eminyakeni embalwa eyedlule wazojoyina i-IFP.
“Asikwazi ukuphathwa yilaba bantu ngoba bahamba basishiya eqenjini manje baxakekile kulawa maqembu abebekuwo, sebeyabuya bazofuna izikhundla lapha eNkatheni. Ngeke phela singaphela abantu abafuna ukuzozicanasela eNkatheni. Yingakho sithi asibadingi ebuholini, balungile besebenza emazikweni hhayi ukuthi bazosiphatha,” kusho omunye wabaholi be-IFP eNdumeni ocele kugodlwe igama lakhe.
Ingqungquthela ingenye yesezibe khona ukulungiselela enkulu yokukhetha ubuholi bukazwelonke ezoba ngo-Okthoba 15.
UMsezana okhulumela laba abathukwayo nabasuka kwamanye amaqembu uthe le nto ibaphethe kabi ngoba noMntwana waKwaPhindangene wayikhuza wathi abamukelwe ukuze kukhuliswe i-IFP.
“Ukube asibuyanga kulawa maqembu esasikuwo ngabe i-IFP ayizange iyinuke iNdumeni noMzinyathi kodwa namhlanje sesiyacwaswa. Laba abasithukayo angiboni ukuthi bayayithanda Inkatha ngoba beze lapha bedlonye utshwala ngenhloso yokuzodelela. Kubuhlungu lokhu ngoba isiyingi sethu singagcina singasayanga engqungqutheleni kazwelonke,” kusho uMsezane.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bayazi ngesimo saseNdumeni kodwa bazohlangana nezinhlaka ezifanele ukuze baxoxe nazo bese behlela usuku olusha lwengqungquthela.