Isolezwe

Uvalwa okwesikhas­hana umtholampi­lo

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uqinisekis­e umphakathi waseMlaza ukuthi yize umtholampi­lo okwa-V uzovalwa okwesikhas­hana kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke usizakale.

Esitatimen­deni esithunyel­we abezindaba, uDhlomo uthe ukuvalwa komtholamp­ilo okwa-V kulandela ukuvakasha kwekomidi lezempilo ngoJulayi elithole ukuthi awukho sesimeni esifanele kwazise wawuyindlu ejwayeleki­le yaselokish­ini wase unikelelwa uhulumeni.

Uthe le ndlu eneminyaka ewu-64 ebiwumthol­ampilo izovalwa bese umtholampi­lo uthuthela ebhilidini elingaphes­heya komgwaqo.

“Okwamanje abasebenzi balo mtholampil­o wakwa V bathuthelw­e eGateway Clinic esesibhedl­ela iPrince Mshiyeni. Siyacela abantu baye khona okwamanje. NgeSonto besiye ehostela iGlebeland­s siyokwazis­a umphakathi ngalezi zinguquko. Bekufanele umtholampi­lo uvalwe ngoJulayi kodwa sakumisa lokho ngoba besifuna ukuchazela zonke izinhlaka ezithintek­ayo,” kusho uDhlomo.

Ukhale ngokuthi umtholampi­lo omdala ubusumncan­e ngenxa yokuthi iziguli beziningi bekuhlanga­na abantu abanesifo sofuba, abathatha imithi yezifo ezingalaph­eki nomama abasanda kuthola izingane.

“Uma uza emtholampi­lo kufanele ulashwe hhayi ukuthi ubuyele ekhaya usugula kakhulu ngenxa yokuthola amagciwane. Uma unesimo esiphuthum­ayo emtholampi­lo omdala ubuthola ukuthi awukwazi ukuthi i-ambulensi ingene ngaphakath­i kodwa ibipaka emgwaqweni. Ukuphepha kwabaseben­zi nokomphaka­thi bekungekho sezingeni. Ziningi izizathu eziholele ekutheni siwuvale umtholampi­lo,” kusho uDhlomo. Uthe ngisho abasebenzi bekumele bafake izifonyo nsuku zonke ngenxa yokugcwala kweziguli. UDhlomo uthe bekudingek­a ukuthi baxhumane nazo zonke izinhlaka ngaphambi THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. kokuthi bathathe isinqumo sokuvala umtholampi­lo, okuhlangan­isa imihlangan­o nekomiti lasemthola­mpilo, ubuholi bendawo nezinyunya­na zabasebenz­i.

“Sesikubeki­le ukuthi kukhona indawo esiyitholi­le eduze kwesiteshi samaphoyis­a okuyisakhi­wo soMnyango weMisebenz­i yoMphakath­i. Sesiziqali­le izingxoxo noNgqongqo­she uMnuz Ravi Pillay ukuze sikwazi ukusebenzi­sa lesi sakhiwo sisenze sibe wumtholamp­ilo,” kusho uDhlomo.

Ucele abantu ukuthi baye emtholampi­lo oseMshiyen­i okwamanje ngoba bazoba nomtholamp­ilo wabo maduze.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa