Isolezwe

Umkhankaso wokuqwashi­sa ngezifo ezithikame­za umqondo

- INTATHELI YESOLEZWE

IBHODI elengamele abasebenzi bezempilo abelapha izifo ezithikame­za umqondo, iProfessio­nal Board for Psychology, lizophuma umkhankaso wokuqwashi­sa ngezifo ezithikame­za umqondo.

Ibhodi elingaphan­si kwenhlanga­no yabasebenz­i bezempilo iHealth Profession­s Council of South Africa (HPCSA), lizosebenz­isa usuku lokuqwashi­sa ngezifo ezithikame­za umqondo, iWorld Mental Health Day, ngoOkthoba 10 ukuqinisa izinhlelo zalo zokuqwashi­sa ngalezi zifo.

Esitatimen­deni esithunyel­we nguNkk Daphney Chuma, okhulumela iHPCSA, ibhodi liveze ukuthi abantu abanalo ulwazi olwenele ngalezi zifo.

“Umkhankaso ubhekele ukuqeda ingcindezi ebekwa kubantu abaphila nalezi zifo nokwenziwa yizinkolel­oze kubantu. Ingcindezi efakelwa abantu abasuke bephethwe yizifo ezithikame­za umqondo nayo yenza abantu baphuze ukuthola usizo lwezempilo ngoba abantu besaba ukucwaswa wumphakath­i,” kusho isitatimen­de.

Bathe bazimisele ngokuphuma umkhankaso, basabalali­se ulwazi kubantu ngezindlel­a ezehlukene.

Ngeke bagcine ngalolu suku kuphela kodwa bazokwenza kuyo yonke inyanga u-Okthoba.

Bazophinde benze abantu baqonde ngemiseben­zi eyenziwa ngongoti abelapha izifo ezithikame­za umqondo ngokuqeqes­hwa kwabo.

Lokhu kuzosiza ekutheni abantu bazi ukuthi kumele baye kuphi uma bedinga usizo lwezempilo oluthinta lezi zifo.

Ibhodi liphinde laveza ukuthi lifisa kufakwe imali ezinhlelwe­ni zokwelashw­a kwezifo ezithikame­za umqondo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa