Owe-ANC uhlaba impakamo emakhanseleni
UMAKADEBONA wekhansela le-ANC ku-ward 79 eThekwini, uMnuz Sthenjwa Nyawose, uxwayisa ozakwabo ukuthi bayeke impakamo ukuze bahole imiphakathi isikhathi eside.
Engxoxweni neSolezwe izolo ngemuva komcimbi wokugubha iminyaka engu-23 eyikhansela eMlaza, uNyawose uthe uzizwa ethobekile ngokuthi usebe yikhansela iminyaka eminingi kangaka.
“Ngijabula nomphakathi ngoba yiwona ongifundise izinto eziningi, uma uyikhansela akufanele uthi wazi konke,” kusho uNyawose.
Uthe esinye sezizathu esidale ukuthi ahlale isikhathi eside eyikhansela ukuthi ubeka umphakathi phambili.
“Iseluleko enginaso kozakwethu ukuthi bayeke impakamo noma ukuzigqaja uma sebengamakhansela ngoba yikona lokho okwenza umphakathi ubacasukele futhi usheshe ubagudluze nasezikhundleni,” kusho uNyawose.
Uthe ilungu lomphakathi akufanele liye ekhanseleni lithi liyoxazulula inkinga kodwa libuyele emuva inkinga isiphindwe kabili ngoba ikhansela liyinkinga ngokwalo.
“Enye into exabanisa abantu namakhansela ukuthi ayathutha lapho esuke ehlala khona ayohlala esilungwini, uyikhansela ngoba uhlala nomphakathi owakukhetha hhayi ukuthi uma usukhethiwe bese uyohlala koMhlanga,” kusho yena.
UNyawose osalokhu eyibambile kusukela kwangena amakhansela okuqala entando yabantu ngo-1996. Uthe yena uyilokhu ayikho ngenxa ye-ANC.
Ebuzwa ukuthi usengaqhubeka yini nokuba yikhansela uma umphakathi uphinde umkhetha uthe: “Mina ngiyisithunywa se-ANC ngingaya noma kuphi lapho inguthuma khona angisoze nganqaba.”
Unxuse imiphakathi ukuthi ithandane iphinde ikholwe.
“Ayikho into engasihlula uma sibumbene siwumphakathi, okunye engikukhuthazayo ukuthi imiphakathi ikholwe ngoba kungasisiza ukuthi sihlalisane ngokuthula,” kusho uNyawose.