Isolezwe

Owe-ANC uhlaba impakamo emakhansel­eni

- MLUNGISI GUMEDE

UMAKADEBON­A wekhansela le-ANC ku-ward 79 eThekwini, uMnuz Sthenjwa Nyawose, uxwayisa ozakwabo ukuthi bayeke impakamo ukuze bahole imiphakath­i isikhathi eside.

Engxoxweni neSolezwe izolo ngemuva komcimbi wokugubha iminyaka engu-23 eyikhansel­a eMlaza, uNyawose uthe uzizwa ethobekile ngokuthi usebe yikhansela iminyaka eminingi kangaka.

“Ngijabula nomphakath­i ngoba yiwona ongifundis­e izinto eziningi, uma uyikhansel­a akufanele uthi wazi konke,” kusho uNyawose.

Uthe esinye sezizathu esidale ukuthi ahlale isikhathi eside eyikhansel­a ukuthi ubeka umphakathi phambili.

“Iseluleko enginaso kozakwethu ukuthi bayeke impakamo noma ukuzigqaja uma sebengamak­hansela ngoba yikona lokho okwenza umphakathi ubacasukel­e futhi usheshe ubagudluze nasezikhun­dleni,” kusho uNyawose.

Uthe ilungu lomphakath­i akufanele liye ekhanselen­i lithi liyoxazulu­la inkinga kodwa libuyele emuva inkinga isiphindwe kabili ngoba ikhansela liyinkinga ngokwalo.

“Enye into exabanisa abantu namakhanse­la ukuthi ayathutha lapho esuke ehlala khona ayohlala esilungwin­i, uyikhansel­a ngoba uhlala nomphakath­i owakukheth­a hhayi ukuthi uma usukhethiw­e bese uyohlala koMhlanga,” kusho yena.

UNyawose osalokhu eyibambile kusukela kwangena amakhansel­a okuqala entando yabantu ngo-1996. Uthe yena uyilokhu ayikho ngenxa ye-ANC.

Ebuzwa ukuthi usengaqhub­eka yini nokuba yikhansela uma umphakathi uphinde umkhetha uthe: “Mina ngiyisithu­nywa se-ANC ngingaya noma kuphi lapho inguthuma khona angisoze nganqaba.”

Unxuse imiphakath­i ukuthi ithandane iphinde ikholwe.

“Ayikho into engasihlul­a uma sibumbene siwumphaka­thi, okunye engikukhut­hazayo ukuthi imiphakath­i ikholwe ngoba kungasisiz­a ukuthi sihlalisan­e ngokuthula,” kusho uNyawose.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? IKHANSELA le-ANC ku-ward 79 eMlaza, uMnuz Sthenjwa Nyawose, ligubha iminyaka engu-23 liyikhanse­la
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG IKHANSELA le-ANC ku-ward 79 eMlaza, uMnuz Sthenjwa Nyawose, ligubha iminyaka engu-23 liyikhanse­la
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa