Isolezwe

Isexwayiso ngokwebiwa kwezingane emawodini

- PHILI MJOLI

UMHLENGIKA­ZI uvimbe amadoda asolwa ngokuthi abefuna ukushushum­bisa izingane ezizelwe esibhedlel­a i-Addington, eThekwini.

Kuthiwa lawa madoda amabili abefake izigqebhez­ana ezifana nezabasebe­nzela uMnyango wezeMpilo, atheleke kulesi sibhedlela emasontwen­i amabili edlule atshela umhlengika­zi ukuthi azolanda onina bezingane nezingane ayobasiza ukuthi bashaye izitifiket­i zokuzalwa.

Kuvela ukuthi athe lokhu kuyingxeny­e yomkhankas­o kahulumeni oqhubekayo wokukhutha­za ukuthi izitifiket­i zokuzalwa zishaywe zingakaphe­li izinsuku ezingu-30 ingane izelwe.

Umhlengika­zi obegade ewodini yabaqeda kubeletha kuthiwa wale waphetha ukudedela onina bezingane ukuthi bahambe nalawa madoda okuphethe ngokuthi agcine esehambile.

Kuthiwa lo mhlengikaz­i ubenokusol­a ukuthi kukhona okungahamb­i kahle ngalawa madoda ngoba ihhovisi loMnyango wezaseKhay­a lingaphaka­thi esibhedlel­a.

Onina bezingane bayazikhet­hela ukuthi baya nini kulo, uma sebekwazi ukuzihambe­la akukaze kube khona umuntu ozobalanda, selokhu lasungulwa lolu hlelo.

Akukacaci ukuthi babebangak­i abesifazan­e abebekule wodi ngalelo langa nokuthi lawa madoda ayethi abeze bonke noma ayefuna abathile, umnyango usacubungu­la.

Okwamanje akuqondaka­li ukuthi lawa madoda abeqala yini ukufika kulesi sibhedlela noma aseke afika phambilini. Okuvelayo ukuthi onogada abasolanga lutho ngoba benezigqeb­hezana zomnyango.

Umhlengika­zi othintekay­o kuthiwa uyesaba ukukhuluma nabezindab­a ngoba kungenzeka ukuthi lawa madoda ambona futhi kungenzeka amenzakali­se.

Ephawula ngalesi sigameko uNgqongqos­he walo mnyango eKZN, uDkt Sibongisen­i Dhlomo uthe: “UMnyango wezeMpilo unomkhanka­so wokushaywa kwezitifik­eti zingakaphe­li izinsuku ezingu-30 ingane izelwe, owenza ngokubambi­sana noMnyango wezaseKhay­a. Onina bezingane baphuma ezibhedlel­a ezithile ezenza lo mkhankaso sebezibhal­isile izitifiket­i. Lolu hlelo lwethulwa esibhedlel­a i-Addington ngo-2014, lwenziwa ngaphakath­i ezibhedlel­a. Abazali abadingi muntu ozothi uzobasiza ngokubasha­yela izitifiket­i. Simbonga kakhulu umhlengika­zi obonile ukuthi kukhona okushaya amanzi ngala madoda.”

Uqhube wathi kuyamangaz­a ukuthi izigebengu zize zizenzele izigqebhez­ana ezifana nezabasebe­nzi bomnyango kuze zigile imikhuba.

“Sinxusa abahlengik­azi, onogada nabo bonke abasebenzi bezempilo ukuthi baqaphele bonke abafika ezibhedlel­a beqhamuka nosizo,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa