Isexwayiso ngokwebiwa kwezingane emawodini
UMHLENGIKAZI uvimbe amadoda asolwa ngokuthi abefuna ukushushumbisa izingane ezizelwe esibhedlela i-Addington, eThekwini.
Kuthiwa lawa madoda amabili abefake izigqebhezana ezifana nezabasebenzela uMnyango wezeMpilo, atheleke kulesi sibhedlela emasontweni amabili edlule atshela umhlengikazi ukuthi azolanda onina bezingane nezingane ayobasiza ukuthi bashaye izitifiketi zokuzalwa.
Kuvela ukuthi athe lokhu kuyingxenye yomkhankaso kahulumeni oqhubekayo wokukhuthaza ukuthi izitifiketi zokuzalwa zishaywe zingakapheli izinsuku ezingu-30 ingane izelwe.
Umhlengikazi obegade ewodini yabaqeda kubeletha kuthiwa wale waphetha ukudedela onina bezingane ukuthi bahambe nalawa madoda okuphethe ngokuthi agcine esehambile.
Kuthiwa lo mhlengikazi ubenokusola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngalawa madoda ngoba ihhovisi loMnyango wezaseKhaya lingaphakathi esibhedlela.
Onina bezingane bayazikhethela ukuthi baya nini kulo, uma sebekwazi ukuzihambela akukaze kube khona umuntu ozobalanda, selokhu lasungulwa lolu hlelo.
Akukacaci ukuthi babebangaki abesifazane abebekule wodi ngalelo langa nokuthi lawa madoda ayethi abeze bonke noma ayefuna abathile, umnyango usacubungula.
Okwamanje akuqondakali ukuthi lawa madoda abeqala yini ukufika kulesi sibhedlela noma aseke afika phambilini. Okuvelayo ukuthi onogada abasolanga lutho ngoba benezigqebhezana zomnyango.
Umhlengikazi othintekayo kuthiwa uyesaba ukukhuluma nabezindaba ngoba kungenzeka ukuthi lawa madoda ambona futhi kungenzeka amenzakalise.
Ephawula ngalesi sigameko uNgqongqoshe walo mnyango eKZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo uthe: “UMnyango wezeMpilo unomkhankaso wokushaywa kwezitifiketi zingakapheli izinsuku ezingu-30 ingane izelwe, owenza ngokubambisana noMnyango wezaseKhaya. Onina bezingane baphuma ezibhedlela ezithile ezenza lo mkhankaso sebezibhalisile izitifiketi. Lolu hlelo lwethulwa esibhedlela i-Addington ngo-2014, lwenziwa ngaphakathi ezibhedlela. Abazali abadingi muntu ozothi uzobasiza ngokubashayela izitifiketi. Simbonga kakhulu umhlengikazi obonile ukuthi kukhona okushaya amanzi ngala madoda.”
Uqhube wathi kuyamangaza ukuthi izigebengu zize zizenzele izigqebhezana ezifana nezabasebenzi bomnyango kuze zigile imikhuba.
“Sinxusa abahlengikazi, onogada nabo bonke abasebenzi bezempilo ukuthi baqaphele bonke abafika ezibhedlela beqhamuka nosizo,” kusho yena.