Isolezwe

Ingqungqut­hela ye-IFP ihlehlile kubanga izithunywa

- INTATHELI YESOLEZWE

BUCHITHEKE bugayiwe engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi be-IFP esiyingini saseNdumen­i ngesikhath­i kulwa izithunywa zibanga ukuvunyelw­a kwababenga­malungu eNFP nakaKhongo­lose ukuba bangenele izikhundla zokuhola iqembu.

Lokhu kwenzeke ngeSonto ntambama kwaze kwaphoqele­ka ukuthi ingqungqut­hela ebisehholo eDundee ihlehle ngenxa yokuthi kuhluleke ngisho ubuholi buzama ukudambisa isimo kodwa kwabanhlan­ga zimuka nomoya.

USomlomo waseNdumen­i, uNkk Bongiwe MbathaMakh­athini ube manaphanap­ha yinhlamba ethukwa ngezinye zezithunyw­a zimsola ngokuthi ufuna ukuphendul­a i-IFP iqembu labantu abahamba bayishiya babuye babuya.

Kwale ngisho sekungenel­ela inkosi uRussel Cebekhulu ebithunywe wubuholi kodwa kwacaca ukuthi akekho ozimisele ngokwehlel­a ngezansi.

Abantu obekuliwa nabo abangenele izikhundla nguMnuz Xolani Msezana, obengenele isikhundla sokuba wumsakazi wezindaba zeqembu. Wayekade ekuNFP kodwa wabuya ngo-2016.

Omunye nguMnuz Linda Sgqiki Dladla ongenele isikhundla sokuba wuMgcinima­fa weqembu. Naye wayekuNFP kodwa wabuyela kwi-IFP ngo-2016.

Kube uMnuz Sizwe Dube ongenele isikhundla sokuba yiphini likaSihlal­o. Uhlubuke kuKhongolo­se eminyakeni embalwa eyedlule wazojoyina i-IFP.

“Asikwazi ukuphathwa yilaba bantu ngoba bahamba basishiya eqenjini manje baxakekile kulawa maqembu abebekuwo, sebeyabuya bazofuna izikhundla lapha eNkatheni. Ngeke phela singaphela abantu abafuna ukuzozican­asela eNkatheni. Yingakho sithi asibadingi ebuholini, balungile besebenza emazikweni hhayi ukuthi bazosiphat­ha,” kusho omunye wabaholi be-IFP eNdumeni ocele kugodlwe igama lakhe.

Ingqungqut­hela ingenye yesezibe khona ukulungise­lela enkulu yokukhetha ubuholi bukazwelon­ke ezoba ngo-Okthoba 15.

UMsezana okhulumela laba abathukway­o nabasuka kwamanye amaqembu uthe le nto ibaphethe kabi ngoba noMntwana waKwaPhind­angene wayikhuza wathi abamukelwe ukuze kukhuliswe i-IFP.

“Ukube asibuyanga kulawa maqembu esasikuwo ngabe i-IFP ayizange iyinuke iNdumeni noMzinyath­i kodwa namhlanje sesiyacwas­wa. Laba abasithuka­yo angiboni ukuthi bayayithan­da Inkatha ngoba beze lapha bedlonye utshwala ngenhloso yokuzodele­la. Kubuhlungu lokhu ngoba isiyingi sethu singagcina singasayan­ga engqungqut­heleni kazwelonke,” kusho uMsezane.

Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bayazi ngesimo saseNdumen­i kodwa bazohlanga­na nezinhlaka ezifanele ukuze baxoxe nazo bese behlela usuku olusha lwengqungq­uthela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa