Isolezwe

UStiga uncoma iSSU ngokunika uTembo ithuba

- NDUDUZO DLADLA

INKAKHA egijimele iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uStanton “Stiga” Fredericks incoma iSuperSpor­t United ngokuqasha umqeqeshi oke waba ngumdlali wayo eminyakeni edlule.

Ngokusho kukaFreder­icks, ukuqashwa kukaKaitan­o Tembo ukuthi acije elinye lamaqembu ahlonishwa­yo kuleli kuyizimpaw­u zokuthi abaphathi baMatsatsa­ntsa a Pitori bayabanake­kela abasebenzi beqembu futhi bayabethem­ba.

UTembo ubelokhu eyiphini lomqeqeshi iminyaka kuleli qembu nokuthe uma kuhamba u-Eric Tinkler ngasekuphe­leni kwesizini edlule abaphathi beqembu bathi akabambe kuze kuphele isizini.

Kuthe uma kuqala isizini, abaphathi beqembu bamnika ngokuphele­le lesi sikhundla. Iphini likaTembo uGodfrey Mosoetsa naye usehlale iminyaka ebalelwa kwewu-16 kwiSupersp­ort.

“Ukuqashwa kukaTembo kuyizinkom­ba zokuthi iqembu linomlando omuhle wokunakeke­la abasebenzi balo. Ngokwami lokhu okwenziwa iSuperSpor­t akujwayele­kile neze, ikakhuluka­zi emaqenjini aseNingizi­mu Afrika. Kwangithus­a kwamina uqobo ukuthi abaphathi bathembe uTembo ngalo msebenzi, ngoba ngokwami bengazi uKaitano eyiphini labaqeqesh­i kuphelele lapho,” usho kanje uFrederick­s.

Uthe mkhulu umsebenzi ohlalele uTembo kodwa uyazi ukuthi ulwazi analo ngeqembu ilona oluzomlamu­lela uma sekuqala ukushuba.

“Umsebenzi awuthathil­e unzima kakhulu. Kodwa ngoba uthola ukwesekwa ngabaphath­i futhi bakhombisa ukumethemb­a ngokuthi bangayi ukuyofuna umqeqeshi wangaphand­le ekubeni yena ekhona, kuzolunga. Nabadlali bafuna ukumdlalel­a, ngakho kungenzeka agile izimanga. Mina uTembo angimthath­i njengomqeq­eshi wangaphand­le ngoba usehlale iminyaka kuleli, ngakho nakho lokho kuzoba nomthelela omuhle kuyena. Ngifisa nokumncoma ekutheni akabanga yigwala, wancamela ukuba yiphini impilo yakhe yonke. Kunalokho uyamukele inselelo,” kuqhuba uFrederick­s.

Omunye wabaqeqesh­i obeza kahle kwiSuperSp­ort nguThomas Madigage nowashona engozini yemoto ngo-2012. UThabo September, oqeqesha ezinkulisa kwiSuperSp­ort, usanda kutshela leli phephandab­a ukuthi ukushayela ihlombe ukuqashwa kukaTembo njengomqeq­eshi weqembu labo elikhulu, ngoba nabo kubanika ithemba lokuthi ngelinye ilanga bayogcina beqashiwe ezikhundle­ni ezinkulu zeqembu. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p: Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Polokwane City v SuperSport United (New Peter Mokaba Stadium); Highlands Park v Kaizer Chiefs (Makhulong Stadium); Cape Town City v Bidvest Wits (Cape Town Stadium); AmaZulu v Mariztburg United (King Zwelithini Stadium)

Kusasa ngo-7.30 ebusuku: Black Leopards v Baroka FC (New Peter Mokaba Stadium); Orlando Pirates v Lamontvill­e Golden Arrows (Orlando Stadium); Chippa United v Free State Stars (Nelson Mandela Bay)

NgoLwesihl­anu: Maritzburg United v Cape Town City (Harry Gwala Stadium, 8pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weSuperSpo­srt United uKaitano Tembo ubukeka esayibambe kahle neqembu lakhe selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weSuperSpo­srt United uKaitano Tembo ubukeka esayibambe kahle neqembu lakhe selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa