Isolezwe

Uchitha eyabaqeqes­hwa ngoyise

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI wesibhakel­a, uStanley Ndlovu, uyasichith­a isiphakami­so senhlangan­o ehlonishwa­yo emhlabeni i-World Boxing Council (WBC) sokuqeda indaba yabashayis­ibhakela abaqeqeshw­a ngoyise.

Emasontwen­i edlule, umengameli we-WBC, uMauricio Sulaiman, umemezele ukuthi bazokwenza ucwaningo ukuze bathole ukuthi kufanele yini oyise babashayis­ibhakela bavunyelwe ekhoneni lamadodana abo. Le nhlangano ikholwa wukuthi ukuba sekhoneni kukayise womshayisi­bhakela kuyamcinde­za kakhulu, agcine eselwa ngisho lokho sekubeka impilo yakhe engcupheni.

Nokho uSulaiman uthe ngeke baphazanyi­swe abashayisi­bhakela asebevele beqeqeshwa ngoyise nokuvamise ukuthi kuqale besebancan­e. Kulaba bashayisib­hakela kukhona umpetha we-WBC welterweig­ht, uShawn Porter wase-USA oqeqeshwa nguyise uKenny Porter noVasyl Lomachenko wase-Ukraine ophekwa nguyise u-Anatoly. Owayengump­etha womhlaba uFloyd “Money “Mayweather ubekade eqeqeshwa nguyise kusukela esemncane.

Esitatimen­deni uSulaiman uthe: “Uma uyihlo ekubukela udlala ibhola esikoleni noma udansa noma wenza okunye empilweni, uyayizwa ingcindezi uyingane. Awufuni ukuphoxa uyihlo. Ngakho amabhokisa azogcina esezifaka ezimeni ezingafane­le ngenxa yengcindez­i yokuba noyise ekhoneni. Lena yinto ebesikade siyibheka. Senza uphenyo, siyacubung­ula, yisimo esisibheka­yo.”

UStanely Ndlovu, oyiqale phansi indodana yakhe uTakalani, waze wayiwinisa ibhande lomhlaba akaliboni iqiniso ngesiphaka­miso se-WBC. UTalakani uwine ibhande le-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) Super Bantamweig­ht ngo-2011.

“Angiboni kucindeza ukuba khona kukayise webhokisa ekhoneni. Buka kwenzekeni ngoMayweat­her. Uqeqeshwe nguyise waze wasiyeka isibhakela, engakaze ahlulwe. Umfana wami ngimqale emncane, ngamenza umpetha womhlaba. Besiba khona isikhathi eringini lapho ebengibona khona ukuthi kufanele ngiliphons­e ithawula ngoba zimnetha kodwa anginqabel­e ngoba ezizwa ukuthi usenawo amandla.

“Lokhu ubengakwen­zi ngoba ebona mina kodwa ungumuntu onjalo, ongafuni ukuhluleka. Bekungekho ukuthi ngifuna alwe noma kunzima. Mina ngibona kufanele amabhokisa aqeqeshwe ngoyise uma ephatheke kahle ngalokho ngoba kuyiqiniso ukuthi uwena osuke uyazi kahle indodana yakho kunomunye umuntu,” kusho uNdlovu.

 ??  ?? TAKALANI NDLOVU
TAKALANI NDLOVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa