Isolezwe

OweBafana usephila ngethemba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUHLALA isikhathi engadlali ngenxa yokulimala ngeke kumphazami­se uBongani “Ben 10” Zungu odlalela i-Amiens SC yaseFrance ngoba yisimo asazi kahle nesike samfica esadlalela iMamelodi Sundowns ngo-2016.

UZungu, osanda kuhlinzwa, uthe uzosebenzi­sa isipiliyon­i abenaso elimele kwiSundown­s ukuze asheshe alulame kuthi noma sekunzima aphinde aziduduze ngaso lesi sikhathi (asihlale engadlali kwiDowns).

“Ukube ngiyaqala ukulimala ngale ndlela kwazibani mhlawumbe ngabe ngizivalel­e endlini angifuni nokuphuma ngibonwe ngabantu kodwa ngoba lesi simo ngiyasazi, kuzolunga,” usho kanje lo mdlali eseFrance.

Kuyona le ligi, uKeagan Dolly weMontepel­lier naye akadlali ngoba elimele. Yize kunjalo kodwa uLebo Mothiba weStrasbou­rg uphinde wasuka ebhentshin­i washayela iqembu lakhe igoli benqoba ngo 3-0 kwiDijon.

Omunye umgadli weBafana Bafana ovutha amalangabi kulezi zinsuku, uDino Ndlovu, ushaye amagoli amabili esiza iqembu lakhe iZhejiang Greentown edlala esigabeni esiphakela esikhulu eChina.

UNdlovu oseshaye amagoli angu-18 emidlalwen­i engu20 yeligi. Lesi sibalo sesivele sikhulu kunazo zonke aseke azenza kusukela eshiye eNingizimu Afrika. Irekhodi lakhe belingamag­oli awu-17 esadlalela i-Anorthosis Femagusta yaseCyprus ayishiye eminyakeni emithathu edlule.

Uphinde wangena esuka ebhentshin­i nakule mpelasonto uMay Mahlangu weLudogore­ts yaseBulgar­ia ngesikhath­i izidlela amahlanga ngo 5-1 kwiCherno More okubeke iqembu uMahlangu asanda kulijoyina endaweni yesibili kwi-log. Sekuphele imidlalo emine iBrentford yaseEnglan­d edlalelwa wuKamohelo Mokotjo ingayazi iwini. Kulokhu ibambane kwashunqa uthuli neReading emdlalweni weChampion­ship yase-England. Kube wubuqhawe bakhe nokho uMokotjo okubuyisel­e leli qembu iphuzu kwazise ushaye igoli lokulingan­isa ekubeni ebesanda kungena esiwombeni sesibili.

UThulani “Cream” Serero uqale umdlalo wakhe wesikhombi­sa kule sizini kodwa iqembu lakhe iVitesse lavumela iFeyernoor­d ukuthi ibuye ngemuva ize inqobe ngo 2-1 okushiya leli qembu (Vitesse) endaweni yesikhombi­sa kwi-log yaseNether­lands.

Kufanele ukuthi uPercy Tau uyohlale ewukhumbul­a lo mdlalo njengoba ezakhe iRoyale Union Saint-Gilloise zinqobe ngo 3-1 kwiLuven. Ubengomuny­e wabakhe amagoli obeke leli qembu esicongwen­i se-log yesigaba esiphakela esikhulu eBelgium.

Akazange adlale yize ebesebhent­shini uSiphiwe “Shabba” Tshabalala kwiErzurum­spor yaseTurkey ekhale ngaphansi ibhekene nezinkunzi iGalatasar­ay. Iqembu likaShabba lisemsilen­i.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa