Isolezwe

ICape Town City ingaba yiqembu eliqinile: McCarthy

- LUNGILE MAJOKA

UMA iCape Town City ingaqala ishaye amagoli ingaba yiqembu eliqinile, kusho umqeqeshi wayo, uBenni McCarthy.

ICity idle isicoco seMTN8 ngo 4-1 kumaphenat­hi ngemuva kokuthi umdlalo obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, uphele ngo 0-0.

Uma ubuwubukel­a umdlalo ubungeke uphikiswe uma uthi bekumele ezikaMcCar­thy ziqede ukuqagela ngokuthi isicoco sizoya kuphi emizuzwini ewu-90.

Kodwa amathuba asobala phakathi kwawo ehlele u-Ayanda Patosi noSiphelel­e Mthembu aphelele emoyeni behluleka wukuwasebe­nzisa.

Ephawula kwithelevi­shini ngemuva komdlalo uMcCarthy ukubeke kwacaca ukuthi iqembu lakhe alikaqini ngokuphele­le. Kodwa bekufanele lisidlile isicoco ngenxa ebeliwuphe­the ngayo umdlalo.

“Laba bafana kabaziqond­i izinto abangakwaz­i ukuzenza. Lokho ngikubona zonke izinsuku uma siziqeqesh­a. Kumele siqine ekuqedelen­i amathuba. Uma singaqala sishaye amagoli singaba yiqembu eliqine kakhulu. Ngiyajabul­a kakhulu ukuthi umsebenzi wabo wokuzikhan­dla ugcine ube nezithelo,” kusho uMcCarthy.

Ngesikhath­i umdlalo usesikhath­ini esengeziwe uke wabonakala ekhuluma nomunye wabadlali bakhe, uThabo Nodada.

Echaza uthe ubemtshela ukuthi “ababe nesibindi, bakholelwe kwabangakw­enza noma ngabe izinto zibonakala zingavumi, badlale noma kubuhlungu”.

UNodada nguyena ogcine eshaye iphenathi enqobise ezakhe.

Namuhla iCity izokwamuke­la iBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiershi­p eCape Town Stadium ngo-7.30 ebusuku.

Lona ngumdlalo wabo wesikhombi­sa kwiligi kanti iqembu lisanqobe owodwa, owokuvula elishaye kuwona iSuperSpor­t United ngo 2-0 kuyona le nkundla.

Kusukela lapha iqembu likaMcCart­hy lisahlulek­ile wukusebenz­isa amathuba okushaya amagoli ngokwanele.

Libambane neLamontvi­lle Golden Arrows ngo 0-0 ekhaya, kwaba wu 2-2 libhekene neFree State Stars ekuhambeni, labhaxabul­wa yiKaizer Chiefs ngo 4-1 ekhaya lase lithola iphuzu kuba wu 2-2 livakashel­e i-Orlando Pirates.

IWits esendaweni yesibili kwi-log, izofika kubona ilambele ukunqoba ngemuva kwemidlalo emibili edlule elahle kuyo amaphuzu ishaywa yiPolokwan­e City ngo 1-0, yabanjwa yiMaritzbu­rg United ngo 0-0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa