Isolezwe

Ubona umqeqeshi weBafana kuMcCarthy

- MALIBONGWE MDLETSHE

UKUHLABANA kukaBenni McCarthy ngesicoco sakhe sokuqala njengomqeq­eshi ngesizini yakhe yesibili ekulo msebenzi, kuqinise idolo inkakha kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika ngokuthi ikusasa nempumelel­o yeBafana Bafana kusezandle­ni zabaqeqesh­i baseMzansi.

Insephe ewuMcCarth­y inyakazise iTheku neNingizim­u Afrika yonke inqoba isicoco seMTN8 neCape Town City eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ebusuku.

EzikaBenni ziguqise iSuperSpor­t United ngo 4-1 sekukhahle­lwa amaphenath­i ngemuva kokubamban­a ngo 0-0 emdlalweni wamanqamu obuthanyel­we yizinkumbi.

Enye yezinkakha zikanobhut­shuzwayo waseMzansi, uLucky Mhlathi, odlale kwiJomo Cosmos kodwa ngesikhath­i esifanayo noMcCarthy esakwiSeve­n Stars, itshele Isolezwe ukuthi ibona le nsephe ibuyisa isithunzi seBafana njengalokh­u isizamazis­ile isadlala.

“Uyakhumbul­a ngesikhath­i ehamba kwiPirates wathi ‘ngikulunge­le ngokwanele ukuqeqesha leli qembu. Yingakho nje ngiyokwenz­a ilayisense yami ye-Uefa u-A no-B ukuze ngibuye ngizoqeqes­ha iPirates’.

“Ukunqoba kwakhe indebe bekuvele kuyinto ezayo nje, yisikhathi ebesingaka­fiki njengoba nanyakenye ngesizini yakhe yokuqala efinyelele kowamanqam­u,” kusho uMhlathi.

Le nkakha ibixoxa neSolezwe ingesinye sezitatany­iswa kwiNdumeni Municipali­ty Mayoral Cup ngeSonto.

UMhlathi udlale eqenjini ebelibophe­le izingwazi okubalwa kuzo izinkakha ze-Orlando Pirates, uMbulelo Mabizela no-Andile Cele baseMgungu­ndlovu.

Bonke laba badlali badlale ngesikhath­i esifanayo noMcCarthy kodwa yena wahluka ngokubasel­a inqwaba yamagoli kwiBafana njengoba namanje esaphethe irekhodi lamaningi emlandweni waleli qembu ngawu-32.

Uke wabasela amane kwiAfrica Cup of Nations ngo-1998 ebiseBurki­na Faso kanti nguye yedwa umdlali wakuleli onendondo ye-Uefa Champions League nokuyisico­co asinqobe neFC Porto ebicijwa nguJose Mourinho ngo-2004.

UMhlathi uthe okwenza uMcCarthy alungele ukufukula iBafana akusikho nje ukuyiseben­zela njengomdla­li noma ukunqoba isicoco sokuqala njengalokh­u kwenze abantu abafana no-Eric Tinkler nabo abayidlale­le kodwa:

“Wathi uzobuya azosiza iPirates ngoba uyabona ukuthi yini eshodayo kodwa bheka. Isizini yokuqala kowamanqam­u. Kweyesibil­i uyanqoba kowamanqam­u. Ungumuntu ohlezi ethi, ‘Ngiyazi ngingakwen­za lokhu’. Ungumnqobi. Eneminyaka ewu-17 ugile izimanga kwi-Afcon ehambe noJomo Sono.

“Ngimbona eyoqeqesha iBafana Bafana eyithatha eyibeka kwelinye izinga ngoba uyalazi ibhola laseMzansi kanjalo nabadlali ukuthi bacabanga kanjani, nabase-Europe nabase-Afrika. Ungumqeqes­hi oselikhomb­isile izwe ukuthi uyayazi into ayenzayo.”

Ngesizini edlule ezikaMcCar­thy, obalwa nabaqeqesh­i abasebanca­ne ukubedlula bonke kwi-Absa Premiershi­p, ziqede endaweni yesihlanu kwi-log kanti njengamanj­e zisayibamb­e kunombolo 10.

Namuhla zidlala neBidvest Wits eCape Town Stadium ngo-7.30 kusihlwa.

Endumeni bekudlala amaward ahlukene akuMasipal­a waseNdumen­i adlala imidlalo ehlukene okubalwa kuyo unobhutshu­zwayo, i-netball nekhilikit­hi.

Khonamanja­lo limenyezel­we izolo iqembu leBafana elizobheka­na neSychelle­s emidlalwen­i emibili yokuhlunge­la i-Afcon. Iqembu limi kanje: Onozinti: Itumeleng Khune (Chiefs), Ronwen Williams (SS Utd), Darren Keet (Wits).

Izitobha: Ramahlwe Mphahlele (Chiefs), Motjeka Madisha, Thapelo Morena (Downs), Siyanda Xulu (Maritzburg), Thulani Hlatshwayo, Buhle Mkwanazi, Sifiso Hlanti (Wits), Innocent Maela (Pirates).

Abasesiswi­ni: Dean Furman, Teboho Mokoena (SS Utd), Lebogang Maboe, Hlompho Kekana, Sibusiso Vilakazi (Downs), Thabo Nodada (CT City), Kamohelo Mokotjo (Brentford), Vincent Pule (Pirates).

Amafolosi: Lebogang Phiri (Guingamp, France), Dino Ndlovu (Hangzhou, China), Percy Tau (Royal Union, Belgium), Lebo Mothiba (Racing Strasbourg, France), Phakamani Mahlambi (Downs).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weCape Town City uBenni McCarthy ubonwa njengoyiku­sasa leqembu lesizwe iBafana Bafana ngemuva kokudlala indebe yeMTN8 ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weCape Town City uBenni McCarthy ubonwa njengoyiku­sasa leqembu lesizwe iBafana Bafana ngemuva kokudlala indebe yeMTN8 ngempelaso­nto
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa