Sithumela umyalezo ngoBonang – NPA
UPHIKO lwezokushushiswa, iNational Prosecuting Authority (NPA) isikubeke kwacaca ukuthi ukuthwesa uxhaxha lwamacala uBonang Matheba kuwuphawu lokuthi abanye abangafuni ukukhokha ngeke baze bababekezelele. Lo saziwayo ubhekene namacala okungayikhokhi intela.
Ufike enkantolo egqoke ibhantshi elimpunga, embethe nesikhafu esimnyama. Bekungokokuqala evela enkantolo ngoLwesine njengoba esolwa ngokungayikhokhi intela. Icala lakhe lihlehliselwe uNovemba 14.
Ummeli kaBonang, uCharl Coetzee, ucele iMantshi uBenita Oswell ukuba imnike isikhathi sokuzilungiselela. UPhindi Mjonondwane, okhulumela iNPA, uthe icala likaBonang liyisibonelo kwabanye abalokhu beqhubekile nokungayikhokhi intela njengoba bengeke bakubekezelele lokho kunoma ngabe ubani.
“Akekho ongaphezu komthetho. Sizama ukulawula ukukhokhwa kwentela kuleli,” kuchaza uPhindi.
UBonang ubhekene namacala angu-15, ayamaniswa nokungakhokhwa kwentela, angu-11, kuwo athinta yena uqobo amane kuwo athinta inkampani yakhe.
Incwadi eyalela ukuthi aboshwe yaphuma ngemuva kokuthi uBonang engafikanga enkantolo ngenyanga edlule njengoba ayeseNew York, USA.
Amacala athinta ukungayikhokhi intela ngo-2008 kuya ku-2017, nango-2014 kuya ku-2017. Ezinkundleni zokuxhumana iningi limangele libona izithombe zale ntokazi enkantolo, njengoba yabhala kuTwitter ukuthi izobopha iphephandaba elibike ngalokhu.
UBonang wayevutha engabaselwe ekhala ngabantu abafuna ukudicilela phansi igama lakhe, ethi konke kungamanga.
UKgabo Shilabjwe uthe: “Ngangithi uBonang Matheba uthe icala lokungakhokhi intela alikho, pho kungani eye enkantolo?
USabelo Lihoko uthe: “Kungani uBonang Matheba ehluleka ukukhokha intela? Lokhu okwenzekile akufani naye, akuhlukile lokhu ekuntshontsheleni uhulumeni nabaswele”.