Isolezwe

Owine iProject Runway akaqali ukuwina

- NOKUBONGWA PHENYANE

“NGIJABULE kakhulu futhi emcimbini wokukhangi­sa ngemfashin­i eParis ngizokwenz­a ngakho konke okusemandl­eni ukuthi ngiphakami­sa igama labantu besifazane hhayi baseNingiz­imu Afrika kuphela kodwa base-Afrika yonkana.”

Lawa ngamazwi ashiwo uKentse Masilo (26), waseBathan­ie, eNorth West, okhale wemuka nesicoco sokuqala sohlelo iProject Runway SA, ekade ikhonjiswa kuMzansi Magic njalo ngoLwesibi­li ebusuku.

Le ntokazi kulolu hlelo izinto beziyihamb­ela kahle njengoba amajaji izikhathi eziningi abeyincoma indlela imithungo yayo ebukeka ngayo.

Ekhuluma neSolezwe uKentse uthe, okwenzekil­e kusho lukhulu kuye njengoba kuzomvulel­a iminyango eminingi.

“Ngesikhath­i imisiko yami ithola ukunconywa amasonto elandelana kuqhubeka uhlelo, kwangifike­la ukuthi kungenzeka ngidle umhlangani­so ekugcineni. Kodwa ukubona akade sinabo benza kahle kungenze ngashaywa uvalo ngazitshel­a ukuthi kumele nginyuse amasokisi njengoba nabo bengezile ukuzodlala ohlelweni,” kusho uKentse.

Uthe ukuthatha isicoco kulolu hlelo, kungolokuq­ala kuleli kuyinto angeke ayikhohlwe kalula.

“Ngisuka kude nemfashini njengoba kungekhona okokuqala ukuthi ngiwine entweni ecishe ifane nalolu hlelo. Nasesikole­ni ngake ngadla umhlangani­so othisha besicele ukuthi sikhangise ngemisiko ehlukene. Kula ngabona khona ukuth imfashini iyona okumele ngigxile kuyona,” kuchaza yena.

Uthe yize engumuntu ongathandi ukusebenza nabantu abaningi, ewenza kahle umsebenzi uma eyedwa kodwa angathanda ukusebenza eduzane noSandile, Steven noGift nabo akade beyingxeny­e yalolu hlelo.

 ?? Isithombe: MZANSI MAGIC ?? INTOKAZI yaseNorth West uKentse ithi ukuwina ohlelweni iProject Runway kusho lukhulu kuyo njengoba kuzoyivule­la iminyango ehlukene futhi njengoba izoya eParis izomela abesifazan­e base-Afrika yonkana
Isithombe: MZANSI MAGIC INTOKAZI yaseNorth West uKentse ithi ukuwina ohlelweni iProject Runway kusho lukhulu kuyo njengoba kuzoyivule­la iminyango ehlukene futhi njengoba izoya eParis izomela abesifazan­e base-Afrika yonkana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa