Isolezwe

Zizosheshe ziqale izinhlelo zokuphepha

- PHILI MJOLI

ZIZOQALA ngaphambi kwesikhath­i esijwayele­kile samaholide izinhlelo zokuphepha KwaZulu-Natal.

Lokhu kushiwo uNgqongqos­he woMnyango wezokuThut­ha nokuPhepha kulesi sifundazwe, uMnuz Mxolisi Kaunda, izolo ngesikhath­i ethula ngokusemth­ethweni izinhlelo ezihambisa­na nenyanga yezokuthut­ha ezizokwenz­iwa umnyango wakhe, eThekwini.

Uthe ukungabi nozinzo kwezokuthu­tha kubalekisa abatshali zimali yingakho kubaluleki­le ukuthi ezokuthuth­a zingabi nezinkinga.

“Sifisa kube nokuthula embonini yokuthutha kakhulukaz­i embonini yamatekisi okuyiyona kuphela imboni ephethwe ngabantu abamnyama kuleli. Kumele sifunde ukubekezel­elana,” kusho yena.

Uqhube wathi lo mnyango usuqalile ukwenza izivimbamg­waqo ezenziwa ngokubambi­sana nezinhlaka zonke zezokuphep­ha.

UKaunda, uNgqongqos­he wezokuBusa nokuBambis­ana KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede baqale bavakashel­e erenki yaseClermo­nt neyaseChes­terville, esemakethe eThekwini, beqwashisa abagibeli nabashayel­i ngezokuphe­pha.

Ngaphambi kwalokho uKaunda ugasele emafulethi­ni asemadala asenkabeni edolobha ehambisana namaphoyis­a kuyobhekwa izidakamiz­wa.

“Ngithole ukuthi kunenqwaba yamafuleth­i amadala osekuzinge­nele kuwo abathile ngokungemt­hetho, abaqashisa ngawo. Kulawa mafulethi kunabantu abangaphez­ulu kwesibalo esivumelek­ile ingasaphat­hwa eyokuthi vele kumele ngabe awasahlali muntu,” kusho yena.

Uthe ngokubambi­sana namaphoyis­a eTheku bazokwenza isiqinisek­o sokuthi abahlala kula mafulethi basemazwen­i angaphandl­e banazo izimvume zokuhlala kuleli.

IMeya yeTheku uNkk Gumede ithe njengoba kuqala inyanga yezokuthut­ha, umasipala uqale uhlelo lokuthi emarenki kube nehhovisi elinendawo yokuhlanga­nela yikho izolo kuvulwe ihhovisi okuhlolwa ngalo uhlelo erenki yaseClermo­nt.

Usihlalo weSantaco KwaZuluNat­al, uMnuz Boy Zondi, uncome isinyathel­o sikaNkk Gumede sokwakha amagumbi okuhlangan­yela asemarenki.

 ?? Isithombe: Zanele Zulu ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha uMnuz Mxolisi Kaunda ekhuluma nabagibeli erenki yaseCheste­rville, emakethe izolo
Isithombe: Zanele Zulu UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha uMnuz Mxolisi Kaunda ekhuluma nabagibeli erenki yaseCheste­rville, emakethe izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa