Isolezwe

Bacela kubhungwe ngesifo esihlasela abantu abadala

- LUNGI LANGA

SEKUNXUSWE abantu ukuthi basabalali­se ulwazi ngesifo esiphatha abantu abadala, i-Alzheimer’s, esigcina siholele ekutheni bahlaselwe umphakathi ngoba ubasola ngokuthaka­tha.

Izolo uMnuz Talent Mabasa we-Alzheimer’s South Africa e-KZN utshele abantu ukuthi abaqale manje ukuxoxa ngalesi sifo bangalindi ngoba sebebona abantu abadala sebehlasel­wa. Ubekhuluma emcimbini obuhlelwe nguMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, KwaZulu-Natal, eMlazi Cinema.

Uchaze lesi sifo njengesida­la ukuthi abantu abadala basheshe bakhohlwe bese benza nezinto ezibonakal­a zingajwaye­lekile njengokugq­oka izinto zangaphans­i phezu kwezingubo, ukuhambaze nokunye.

Uthe isikhathi esiningi abantu abadala bagcina bekhohlwa ngisho yimindeni yabo kokunye baduke bangene emizini yabantu ngoba bezitshela ukuthi isemizini yabo.

“Khuluma manje ngalesi sifo ngakini. Ubaxwayise ngalesi sifo. Ungalindi kuze kuhlaselwe ugogo ngoba kuthiwa uyathakath­a bese kuba yima uthi akathakath­i kodwa uphethwe yi-Alzheimer’s ngoba bazothi besuka bebe bethi uthakatha naye,” kusho uMabasa.

UNgqongqos­he woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, eKZN, uNkk Weziwe Thusi, uthe ubone kubaluleki­le ukuthi aqwashise abantu ngalesi sifo njengaminy­aka yonke.

Unxuse abantu ukuthi banakekele abantu abadala njengoba ethe u-Okthoba wonke bawuthatha njengenyan­ga yabantu abadala.

Abadinga usizo ngalesi sifo sabadala bangathint­a i-Alzheimer’s South Africa ku-0860 102 681 noma ku- 031 702 4321/ 702 8811.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa