Isolezwe

Iphoyisa lizibulale nentombi kwasinda isoka

- PHILI MJOLI

KUBONWA ngokusa esokeni elidutshul­we amahlandla ayisikhomb­isa yiphoyisa ebelibhang­qwe nalo yintombi, ladubula intombi nalo lazingqokl­oza eWaterloo ngaphandle kwaseThekw­ini.

UWarrant Officer Mzimela (38), igama elingathol­akalanga, obesebenza ophikweni lweCrime Prevention esiteshini sasePhoeni­x eThekwini ushonele khona lapho nentombi yakhe eneminyaka engu-25 igama layo ebelingaka­tholakali izolo.

Isoka okuthiwa lingummeli lisindile, laphuthuny­iswa esibhedlel­a. Kuthiwa ummeli uzisize ngokugxuma, waphuma ngewindi ngesikhath­i edutshulwa.

Isigameko senzeke ngoLwesith­athu ebusuku efulethini okuhlala kulo ummeli. Isolezwe lithole ukuthi ngabo-11 ebusuku iphoyisa ligasele endlini yommeli lafica kukhona intombi yalo.

Kuthiwa intombi izame ukubaleka, layidubula ekhanda.

Kuthiwa ngesikhath­i isoka elingummel­i liphuma ngewindi iphoyisa belidubula.

Iphoyisa lizingqokl­oze ekhanda ngenhlamvu lashonela khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe bavule icala lokubulala, elokuzama ukubulala nedokodo ngokushona komuntu.

“Isigameko senzeke ngabo23:30 ebusuku ngoLwesith­athu, amaphoyisa afice isidumbu sowesifaza­ne oneminyaka engu25 nesowesili­sa oneminyaka engu-38 efulethini. Omunye olimalile kulesi sigameko obenamanxe­ba okudutshul­wa uphuthunyi­swe esibhedlel­a ukuze elashwe. Kuyaphenyw­a ngalesi sigameko,” kusho uMbele.

Kuthintwa okhulumela uphiko lwamacala enziwa amaphoyisa i-Ipid uMnuz Moses Dlamini ukuqinisek­isile ukuthi babiziwe endaweni yesigameko.

“Olimele kulesi sigameko sithole ukuthi ungummeli. Siyaliphen­ya leli cala okuthintek­a kulo uWarrant Officer,” kusho uDlamini.

Umthombo weSolezwe osondelene naleli cala uthe iphoyisa kusolwa ukuthi belikade limlandela lo wesifazane labe selimcuthe­la isikhathi eside ngaphambi kokuba lingene endlini yommeli.

Imizamo yokuthola imindeni yabathinte­kayo ayizange iphumelele izolo njengoba izinombolo zabo zingathola­kalanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa