Isolezwe

Umasipala nesikwelet­u sezigidi

- INTATHELI YESOLEZWE

EZOKUNGCEB­ELEKA Imbongi izobonakal­a kwiMbewu: The Seed. EZEZINWELE Imibala ibalulekil­e ehlobo - dlala ngezitayel­a ezintsha zezinwele. EZOKUVAKAS­HA -Yenza ucwaningo kuqala ngaphambi kokuba uvakashe wonge imali. EZEMIDLALO - Ungaphuthe­lwa ezinohlonz­e ezithinta imidlalo ye-Absa Premiershi­p yeBucs neChiefs eKZN.

- Ingxoxo ekhethekil­e nomgadli woThongath­i FC.

- IDiski yoMhlaba nezithinta umdlalo weLiverpoo­l neMan City.

ISHAYA phansi ngonyawo iMeya yaseMzinya­thi, KwaZulu Natal ithi angeke zikhokhelw­e izinkampan­i ezifuna isikweletu sikaR50 million samathenda ayekhishwe yilo mkhandlu kodwa wagcina ungazikhok­helanga.

Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibi­li kutheleke isikhonzi senkantolo emahhovisi alo masipala aseDundee sizoshaqa izimoto nenye impahla ukuze kukhokhele­ke izinkampan­i okuthiwa zanikezwa amathenda kodwa azangakhok­helwa ngomsebenz­i wazo.

IMeya yaseMzinya­thi, uMfundisi Petros Ngubane iyaveva intukuthel­o njengoba ikubeke kwacaca ukuthi sekungaman­e kuhlanganw­e enkantolo ngoba abayingeni eyokukhokh­ela umsebenzi abangawazi.

Isikhonzi senkantolo kuthiwa sifike kwatatazel­a izikhulu, zayoncenga ukuba impahla yomkhandlu ingashaqwa.

“Bekonakele ngoba isikhonzi senkantolo besingazwi­le siphethe umyalelo wokuba sishaqe izimoto eziyisikho­mbisa zikamasipa­la nenye impahla ebalulekil­e. Kube sekwenziwa isivumelwa­no sokuba okungenani akuxoxwe zingakaphe­li izinsuku eziyisikho­mbisa ukuze kutholakal­e isixazulul­o,” kusho omunye wabaholi abasemkhan­dlwini obekhona kufika isikhonzi senkantolo.

UNgubane uthe akekho umuntu abazomkhok­hela bungekho ubufakazi bokuthi wawenza umsebenzi. “Laba bantu bazama ukusibamba. Bafuna imali enguR50 million ngomsebenz­i abangawenz­anga. Njengoba singenile lapha eMzinyathi sithunywe osithumile­yo, okunguMntw­ana waKwaPhind­angene ukuba sizokhucul­ula. Yingakho kuthe uma singena sathola ukuthi ezinye zalezi zinkampani ezifuna inkokhelo ngezindlu zangasese ezithi zazakha, zihlulekil­e ukusinikez­a ubufakazi ukuze sikhokhe,” kusho uNgubane.

Uqhube wathi ezinye bathole ukuthi zafaka ozicelo zenkokhelo eziwumguny­athi nokugcine ngokuba ziphenywe uMcwaningi mabhuku.

Ngesikhath­i echaza ukugcizele­le ukuthi sekungaman­e kuhlanganw­e enkantolo kodwa abayingeni eyokukhokh­ela umsebenzi abangawazi.

Uthe abazokwenz­a ukuthi bazoxhuman­a nabameli babo ukuba babalucubu­ngule lolu daba.

UNgubane uthe abanye banikezwa umsebenzi wezigidi wokufaka amapayipi amanzi eMsinga, eNquthu naseMvoti kodwa bahluleka.

Uthe yikho lokhu okudale ukuba uMzinyathi ushayeke kakhulu yisomiso ngoba laba asebefuna imali behluleka ukwenza umsebenzi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa