Ugqugquzele kuthengwe okwakuleli uRamaphosa
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe imisebenzi edaleke eminyakeni edlule ayihambisani nokwanda kwabantu eNingizimu Afrika.
URamaphosa ubekhuluma ngesikhathi kuvulwa ingqungquthela edingida ngamathuba omsebenzi, ehlelwe yiNational Economic Development and Labour Council (Nedlac) eqale izolo eMidrand, eGoli.
Uzwakalise ukuphatheka kabi ngokulawulwa kombuso yidlanzana elalifuna ukufeza izinhloso zalo esho nokuthi le mali yayizosetshenziselwa ukuthuthukisa isizwe.
“Umnotho wethu awuhambi kahle ngenxa yokuthi umbuso ubulawulwa ngabafuna ukufeza izinhloso zabo.
“Bekunenkohlakalo ezinkampanini zikahulumeni nasezinkampanini ezizimele. Lokhu kuqede ithemba kubatshalizimali ngezwe lethu,” kusho uRamaphosa.
Uthe umnotho ukhula kancane futhi awudali amathuba omsebenzi enele.
“Amathuba omsebenzi adalekile eminyakeni edlule awahambisani nesibalo sabantu abadinga umsebenzi. Ngo-2008 uhulumeni watshala imali ekuthuthukiseni ingqalasizinda lokhu kwavikela iNingizimu Afrika ukuthi ingangeni kwinzikamnotho,” kusho uRamaphosa.
Uthe uyajabula ukuthi umkhakha wezimali uzotshala uR100 billion eminyakeni emihlanu ezayo kumabhizinisi abantu abamnyama.
URamaphosa ugqugquzele abantu ukuthi bathenge impahla eyenziwe eNingizimu Afrika ukuze kukhule umnotho kudaleke namathuba omsebenzi.
Ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yokudala amathuba omsebenzi bekunabantu akade bebhikisha ngaphandle bekhala ngokuthi njengabantu baseNingizimu Afrika abaswele umsebenzi akekho obamele kule ngqungquthela kodwa kukhona uhulumeni, izinyunyana nezinkampani eziqashe abantu.
URamaphosa uveze ukuthi kunezinkampani ezizibophezele ekutheni zizothenga imikhiqizo nezinsiza kusebenza kubantu baseNingizimu Afrika.
Phakathi kwezinkampani ezibalwe wuRamaphosa kubalwa i-Adcock Ingram, Anglogold Ashanti, Clientele, Coca Cola SA, Edcon, First Rand, Lixil, Mondi, Nandos, Nestle, AB InBev, Sappi, Sasol, Standard Bank neTsogo Sun.