Isolezwe

Injabulo emphakathi­ni uCele efeza isithembis­o ngamaphoyi­sa amabhareth­i

- THEMBELIHL­E MKHONZA

BEBESWELE amaphiko okundiza abantu baseWestbu­ry, eGoli emuva kokufika kwamaphoyi­sa eTactical Response Team (TRT) adume ngelama bharethi izolo.

Yize efike emuva kwezinsuku ezintathu abelindelw­e ngazo kodwa umphakathi ujabulile uwabona.

Ngesonto eledlule kuqubuke imibhikish­o eWestbury emuva kokushona kukaNkk Heather Peterson (45) odutshulwe yinhlamvu ebinhlanhl­atheka ngesikhath­i kudubulana izigebengu. Kuphinde kwalimala indodakazi yakhe eneminyaka ewu-10.

NgoLwesibi­li uNgqongqos­he wamaphoyis­a uMnuz Bheki Cele uvakashele eWestbury wathembisa ukuthi uzothumela amabhareth­i ukuze alwe nobugebeng­u endaweni.

Abantu bese bethi bazobhikis­ha uma amabhareth­i engafiki.

“Silethe amaphoyisa ukuthi avikele umphakathi futhi abophe izigebengu. Ngiyanicel­a ningazifuk­ameli ngoba amaphoyisa azobopha zonke izigebengu ezidlwengu­layo, ezidayisa izidakamiz­wa, ezibulala abantu, ezintshont­shayo nazo zonke ezisohlwin­i lwethu lwabantu abafunwayo,” kusho uCele.

Uthe banohlu lwezigeben­gu eziwu20 ezifunwa ngamaphoyi­sa futhi uma zingazizel­i azofika esekhahlel­a izicabha ezozibopha.

“Silethe amaphoyisa awu-143 kodwa nizobona awu-133 njengamanj­e. Amanye awu-10 ngeke niwazi ngoba ahlala nani. Azoqoqa bonke ubufakazi ukuze izigebengu zivalelwe ejele. Uma izigebengu zifuna udlame kufanele zilwe neTRT ngoba ayisebenzi­si izinhlamvu zenjoloba idubula ngezinhlam­vu zangempela,” kusho uCele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa