Isolezwe

USemenya useyinxusa lakwaDisco­very Vitality

- LUNGILE MAJOKA

KUCHWAZE izihlwele kwasha ingoma umpetha womgijimi, uCaster Semenya, enziwa inxusa elisha emhlabeni lakwaDisco­very Vitality emahhovisi enkampani izolo eGoli.

Ulandele isilomo sombhukudi uChad le Clos nompetha womhlaba ku-400m uWayde van Niekerk.

USemenya ungomunye wezihlaban­i kwezemidla­lo ezihamba phambili emhlabeni obesanda kuqokwa yiNike emhlabeni emkhankasw­eni wayo olwa nokucwaswa.

Ngesikhath­i ekhuluma noNeil Andrews obephethe uhlelo lokumethul­a, uthe usekuzuze konke ayezibekel­e kona, manje usegijimel­a ukujabulis­a abalandeli.

“Into yokuqala efikayo (uma esemiqhude­lwaneni) wukuthi ngabe abantu bafunani, balindelen­i? Konke esengikwen­za wukuthi ngenzele bona baziqhenye. Angisazenz­eli mina ngoba sengikuzuz­ile engangizib­ekele kona,” kusho uSemenya.

Umangaze abaningi ngesikhath­i eveza ukuthi ibanga okuyilona azifelayo ngalo wu-1500m.

“Ngiyawutha­nda u-1500m, unginikeza inselelo ngoba awazi ukuthi yini engenzeka emjahweni. U-800m ngiyawugij­ima kodwa angiwukhon­zile kangako. Imenenja nomqeqeshi sebengicel­e bethi angiyeke u-1500m kodwa abasoze baphumelel­e.”

USemenya (27) uthe isifiso sakhe wukuthatha umhlalapha­nsi eseneminya­ka ewu-40.

“Ngisasalel­we cishe iminyaka ewu-10. Isifiso sami wukuthatha umhlakapha­nsi sengino-40. Mhlawumbe emidlalwen­i yami yokugcina yama-Olympic ngiyobe ngigijima emjahweni (42km). Ngeke ngiye nhlobo kumabanga amade kunaleli (amaUltra). Angisoze ngayigijim­a iComrades, wukuzibula­la lokho,” kusho uSemenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa