Bagubha usuku lwabo besezinkingeni
NJENGOBA namhlanje kugujwa usuku lothisha emhlabeni jikelele, izinyunyana zabo zithi akukuningi amalungu azo akugubhayo ngalolu suku.
Muva nje othisha babhekene nolaka lwabafundi ababagwazayo njengoba eNorth West umfundi egwaze wabulala uthisha ekilasini kubhalwa izivivinyo.
UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe ngalolu suku kuningi okubi okwenza othisha bangalujabuleli lolu suku.
Uthe kukhona okuhle nokho othisha abakujabulelayo ngenxa yokusebenza kanzima kwabo.
Ubalule ukunyuka kwesibalo sabafundi ababhala u-matric minyaka yonke, baningi nabafundi asebephasa kahle bathole o-A ezifundweni zabo.
“Kumanje kukhona abafundisayo ekubeni kuvaliwe ngoba bezinikela. Siyanda isibalo sothisha abamnyama abafundisa izifundo ezithathwa njengezinzima iMaths, Sayensi, Accounting nezinye.”
Uthe okubi wukuthi namanje abakaphephi ezikoleni wathi badinga ukuvikelwa.
“Amakilasi agcwele kakhulu, basahola kancane kakhulu nohulumeni akenzi lutho ngalokhu. Izikole ziyagqekezwa imiphakathi ayisabahloniphi othisha. Abafundi bayazenzela kubona, sebesaba izingane abazifundisayo,” kusho uThompson.
UNobhala weSadtu eKZN, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe lolu suku kumele ngabe othisha bayalugubha kodwa lokhu akusenzeki.
“Kumele umphakathi uzile ukuze ubheke isimo sothisha manje. Kumele ubheke izindlela zokushintsha isimo esibhekene nothisha,” kusho uNksz Caluza.
Ukhale kakhulu ngokuphepha kwabo ezikoleni wathi abafundi nomphakathi kumele bahloniphe othisha.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyiSisekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe kulo nyaka umgubho uhambisana neminyaka engu-70 kwabekwa ezemfundo njengelungelo elibalulekile.
Uthe siyanyuka isibalo sothisha njengoba sebebalelwa ku-410 000 ezikoleni ezingu-25 000 abafundisa izingane ezingu-12.9 million.
Uthe sincane isibalo sothisha abashiya lo mkhakha wathi sinyuke kakhulu esothisha abasha sisuka ku-8 000 ngo-2012 saya ku-23 800 ngo2016.
Ubonge othisha ngomsebenzi abawenzayo wathi izwe liyabadinga wabafisela usuku oluhle.