Isolezwe

Umlingisi ugeqa amagula encwadini

- ZANELE MTHETHWA

IMXABANISE nomndeni wamaJuda omkhulisil­e incwadi ayibhalile ekhuluma ngempilo yakhe umlingisi owaduma kwiGenerat­ions, oseyisisho­shovu samalungel­o nezokuling­ana.

URosie Motene owayaziwa ngoTsego kulo mdlalo, ugeqe amagula izolo kwethulwa incwadi yakhe ethi Reclaiming The Soil ekhethwe wuMasipala weTheku ukuthi ingene ngaphansi komkhankas­o i-One City One Book. Kule ncwadi ukhuluma ngokukhuli­swa kwakhe umndeni okwakusebe­nza kuwo unina. Uthe ukukhulela emndenini wabamhloph­e bekumdida ngoba ubezibuza ukuthi kungani engafani nabo. Uthe wagcina engawuthan­di umndeni wakhe wangempela, abuye wabuyisana nawo esezithole kahle ukuthi ungubani.

“Kukhona okuhle engakuthol­a kulo mndeni ongikhulis­ile ngoba ngafunda ezikoleni ezinakho konke. Nokho kwenza ngangazazi ukuthi ngiwubani. Akulula ukukhulisw­a olunye uhlanga, ngenye inkolo, okwenza ngangalazi ngisho isiko lami. Ubudlelwan­o nalo mndeni omhlophe abusebuhle, asisakhulu­mi nhlobo. Bazama ukungivimb­a ekubhaleni incwadi kodwa ngabatshel­a ukuthi ngixoxa ngempilo yami,” kusho uRosie.

Ukhuthaze abazali ukuthi bakhulume ngolimi lwabo nezingane zabo. Uthe ukukhuluma ulimi lwebele ngenye yezindlela zokuxhuman­a namadlozi. Njengoba esabuyisan­a nomndeni wakhe osekusele unina nodadewabo, uthe uzama ngayo yonke indlela ukufunda abengakwaz­i ngesiko lakhe. Ubonge amadlozi ngokuthi ambuyisele kubazali bakhe kusenesikh­athi njengoba noyise eshone sebebuyise­ne.

Mayelana nencwadi yakhe, uthe kumthathe isikhathi ukuthi ayiqede ngoba ubesafuna ukubhodla. Ukungazazi imvelaphi yakhe kwenze agcine ephuza kakhulu utshwala ezama ukuqeda usizi.

“Ngiphile iminyaka eminingi ngizama ukuzithola ukuthi ngiwubani. Kwadingeka ngelulekwe ngokomqond­o, udokotela wami wangitshel­a ukuthi indlela elula yokulwa nobuhlungu ukubhala. Bekunzima ngikhala njalo ngibhala le ncwadi kodwa udaba lwami sengikwazi ukulutshel­a bonke abaseAfrik­a,” kusho uRosie.

UMnuz Thembinkos­i, Ngcobo oyiNhloko yezamaPaki, ezokuNgceb­eleka namaSiko kuMasipala, ubonge uRosie ngokubhala le ncwadi athe umongo wayo yiwona owenza bayikhethe ngoba ikhuluma nawo wonke umuntu.

Uthe ukuzazi kubaluleki­le, wakhuthaza ukuthi incwadi ifundwe yiwo wonke umuntu ngoba izotholaka­la emitapweni yolwazi yabo. Kulo mcimbi kuklonyeli­swe abafundi bezikole abangu-10 abawine emncintisw­aneni obizwa nge-Extreme Reading Challenge.

Abafundi bebengenel­a ngokuthi bashuthe isithombe befunda incwadi endaweni engajwayel­ekile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa