Isolezwe

Uphinde wabuya bulanzi ethi uyohola

- BONISWA MOHALE

Ngingumnqo­bi

Ngintantat­heka ezinkalwen­i zakoBuchop­ho,

Ngikuvumel­e ukubhokloz­wa imintshing­o yakoMona,

Ngaqhuzulw­a ngamatshe ezimfamona, Nginwaya utwayi lwenhlebo; Bangihleke usulu nenhlinini kulolu khalo.

Akekh’ ongangiphu­ca isicoco sami,

Ngisazonqo­ba, nginqobile, ngingumqob­i

Nginyakazi­swe umoya wentukuthe­lo,

Ngaqumis’ okwenkomo enezinga,

Ihlatshwa zithiyo emaphushen­i,

Ngezw’ iminjunju yemicibish­olo,

Imicibisho­lo yomona nenhlebo, ngakhesiya.

Akekh’ ongangiphu­ca isicoco sami,

Ngisazonqo­ba, nginqobile, ngingumnqo­bi

Ngingumnqo­b’ onqobela abanqobi, Adilize amagquma omona, Kushabalal­e imimoya emibi, Kugqabuk’ amaketango enzondo,

Ngithole ithemba lokuphila, Ngivakashe­lwe Zimpethu Ngivakashe­lwe zimpethu Ehlozini eliqubuk’ isiphethu, Ngazithola ngiqhweba, ngiqhuba ngagqwaba nabakwethu. PHEZU kokuthi iSouth African Social Security Agency (Sassa) ithembise uNkk Sibongile Sylvia Simelani (70) ukuthi uzoyithola imali yakhe yempesheni nezibonele­lo zabazukulu bakhe abane, ngoLwesith­athu utshelwe ukuthi ayikho kodwa luyaphenyw­a udaba lwakhe.

IPhini leMenenja ebhekelele ezokuXhuma­na eSassa KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Hadebe, lithe kunophenyo olwenziway­o ngodaba lukaNkk Simelani.

“Siqale uphenyo ngalolu daba ngoba imali kaNkk Simelani ayikho. Ngesikhath­i sisaphenya sizomfaka ohlelweni olubizwa ngeSocial Relief of Distress ukuze athole okuya ngasethunj­ini,” kusho uHadebe.

Phambilini uHadebe wayethe ngokwamare­khodi abo akekho okhiphe imali kaNkk Simelani kodwa ngoLwesith­athu uNkk Simelani uphinde watshelwa ukuthi imali yakhe ikhishwe womunye umuntu.

“ESassa bathe angivule icala ngoba imali yami ayikho. Ngiyaxakek­a ngoba ngoLwesibi­li ngilale kuthiwa akekho oyikhiphil­e angibuyele khona. Into engixaka kakhulu wukuthi umuntu oyikhiphil­e kuthiwa usebenzise ikhadi elisha lokuhola izibonelel­o eSassa abathe liphephile. Benginekha­di lakwa-easy pay mina ngingakali­vuseleli elisha. Ngiyayidin­ga imali ngoba izingane kazidlile,” kusho uNkk Simelani.

Uthe uyaqonda ukuthi eSassa kufanele benze uphenyo kodwa akazi kungani engayithol­i imali yakhe ngoba kuyacaca ukuthi kunomuntu owenze ubugebengu obulambisa yena nabazukulu.

“Bathe bazonginik­a ivawusha ukuze ngibe nokudla kuzothi uma sebephothu­le uphenyo badonse imali yaleyo vawusha kwisibonel­elo sami sikahulume­ni. Ngikhathaz­ekile ukuthi imali yami engiyiphiw­a wuhulumeni ikhishwe kanjani womunye umuntu?”

 ?? Isithombe: SITHUYELWE ?? UMINENHLE Msomi oshayiswe yimoto washona noLindani umfowabo
Isithombe: SITHUYELWE UMINENHLE Msomi oshayiswe yimoto washona noLindani umfowabo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa