Isolezwe

Ishone isibuyela ekhaya ingane ebiduke nonina

- PHILI MJOLI

ISHAYISWE yimoto yashona enye yezingane zaseMandaw­e ebese kuphele inyanga ziduke nonina. UMinenhle (5) obehamba nomfowabo uLindani (2) nonina uNksz Thandeka Msomi ushayiswe yimoto eqeda kwehla esitobhini esiseduze kwakubo, ngoLwesibi­li.

Leli phephandab­a ngoMsombul­uko libhale udaba lokuduka kwalaba abathathu okuthiwa balahleka ngoSepthem­ba 1 beyohola imali yesibonele­lo eScottburg­h.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe ngokuthola kwamaphoyi­sa unina walezi zingane uthe ubecasulwe ukuthi uyise wesoka lakhe uyamthuka ngokukipit­a nendodana yakhe iminyaka ewu-13.

Ngesikhath­i ehamba uNksz Msomi uthe wayephethe iselula yesoka lakhe, ezoyiseben­zisela ukushayela udadewabo kayise wezingane uNksz Nonhlanhla Mthethwa. Uthe yebiwa ngesikhath­i elele eDurban Station eyogibela ibhasi elibangise ePalm Ridge, eGoli, kudadewabo.

Kuthiwa uthe akakwazang­a ukuthinta umndeni wesoka lakhe ngoba akanazo izinombolo uneyesoka lakhe kuphela.

“Ngesikhath­i behla etekisini uMinenhle weqe kuqala, washayiswa yimoto washona. Amaphoyisa avule idokodo lokubulala ngokungenh­loso,” kusho uCol Mbele.

UNksz Mthethwa uthe: “Usizwise ubuhlungu esingeke sibukhohlw­e elahleka nezingane zomfowethu. Uma esebuya, enye yazo ishonile. Lo muntu sesihlale naye iminyaka ngoba uyintandan­e. Kuyacaca ukuthi unayo enye indawo angahlala kuyo kungcono aye kuyo, thina ngeke sisahlala naye.”

Imizamo yokuthola uNksz Msomi ayiphumele­langa ngoba kuthiwa akanalo ucingo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa