Ufuna ukulungisa ubudlelwane nepaki
SIZOSEBENZISA imvelo ukudala amathuba omsebenzi, ukuqeda ububha nokungalingani isikhulu esiphezulu saseSimangaliso Wetland Park, uMnuz Sibusiso Bukhosini.
UBukhosini uthe uyajabula ukubuya kwezokongiwa kwemvelo ngoba uke waba kulo mkhakha iminyaka eyisishiyagalolunye ngaphambi kokuba yimenenja komasipala abahlukene.
“Ngizimisele ukuthi umphakathi owakhele iSimangaliso Wetland Park ube nobudlelwane obuhle nepaki futhi ngicela umphakathi unginike ithuba. Ngiyazi abantu bayayithanda imvelo ngoba amapaki neziqiwi kufike vele abantu bezihlalele kahle nemvelo.”
Utshele Isolezwe ukuthi imvelo iyakwazi ukudala amathuba omsebenzi futhi uzokwenza isiqiniseko sokuthi uyalungisa ukungaboni ngaso linye phakathi komphakathi nepaki.
“Imvelo kufanele ilwe nokusweleka kwamathuba omsebenzi, ukungalingani iphinde ithuthukise umnotho. Ipaki ngeke iqashe wonke umuntu kodwa kunamathuba ebhizinisi atholakalayo kwezemvelo esizoqinisekisa ukuthi imiphakathi eyakhele ipaki iyahlomula kuwo ukuze osomabhizinisi baqashe abantu,” kusho uBukhosini.
Uthe imvelo kufanele ihehe izivakashi zangaphandle kodwa ikwazi nokuheha abantu bendawo kungabikhona abantu abahlala eduze kwaseSimangaliso kodwa abangakaze bavakashele khona.
“Izinhlelo zokusebenzisana nomphakathi ziseqhulwini ngoba kufanele abantu babe yingxenye yezixazululo ezinkingeni ezikhona. Ngizohlala phansi nabo ukuze bachaze izinkinga ezikhona, basho nezixazulula ngoba uma sekukhona izingqinamba esibhekana nazo kuba lula ukuthi sikwazi ukuzixazulula uma sibambisene,” kusho uBokhosini.
Uthe ukuba yisikhulu esiphezulu eSimangaliso Wetland Park wumsebenzi awuthokozelayo futhi uzolungisa lokho abantu abakhala ngakho ukuze ozongena emuva kwakhe naye aqhubekele phambili.
Mayelana nezimashi zokuthi kube nemayini eSimangaliso, uBukhosini uthe uzohlala phansi nomphakathi ukuzwa kabanzi ngalolo daba futhi ufuna umphakathi ube yingxenye yakho konke okwenzeka eSimangaliso ukuze kungabikhona ukubhekana ngeziqu zamehlo.
Uphethe ngokuthi uma kuhlalwa etafuleni kuxoxwa ngezingqinamba akukho okungeke kulunge ngoba izizukulwane ezizayo kufanele ziziphilise ngemvelo.
UBukhosini ushadelwe futhi ubusisiwe nangezingane emshadweni wakhe.
Uzakhele udumo ngokuthola imibiko emihle kamcwaningi mabhuku jikelele ngesikhathi eyiMenenja kaMasipala waseMkhanyakude naKwaMhlabuyalinyana.
Wayefice labo masipala bengenayo imali wabashiya sebekwazi ukuyisebenzisa ngendlela futhi beqhuba nezinhlelo zentuthuko emphakathini.
Uneziqu zeMasters kwiEnvironment and Development: Protected Area Management nezinye iziqu.