Isolezwe

Ithemba lokunqotsh­wa kofuba esaphila uYvonne

- LUNGI LANGA

UNETHEMBA lokuthi singanqots­hwa isifo sofuba umculi wakuleli oyinxusa lokuqwashi­sa ngaso nokudla ngendlela efanele, uYvonne Chaka Chaka.

Umculi ozakhele igama ngokuba yiNdlovuka­zi yaseAfrika osanda kwethulwa njengenxus­a leNew Partnershi­p for Africa’s Developmen­t (Nepad) ekuqwashis­eni ngofuba nokudla ngendlela efanele, ubengomuny­e wabebesemh­langanweni wamazwe i-73rd United Nations General Assembly in New York lapho okudingidw­e okokuqala izindaba ezithinta ukulwa nokusabala­la kofuba, ngesonto eledlule.

Uthe unethemba lokuthi amazwe azokwazi ukulwa nokusabala­la kofuba esekhona emhlabeni.

Umbiko wenhlangan­o yezempilo emhlabeni wonke, iWorld Health Organisati­on osanda kukhishwa uveze ukuthi balinganis­elwa ku-1.6 million abantu abashone ngenxa yofuba nyakenye.

Amazwe azibopheze­le ekutheni aqede ufuba ngo-2030 kodwa lo mbiko uthi kusekude phambili.

UYvonne uthe kubaluleki­le ukuthi kufundiswe abantu ukuthi bazivikele nemindeni yabo ekutheni bangangenw­a wufuba nokuthi yini okufanele bayenze uma selubangen­ile noma lungene abantu abasondele­ne nabo.

“Imfundo nezempilo kubaluleki­le kakhulu. Uma abantu benolwazi bayakwazi ukudla imishanguz­o ngendlela efanele. Ngaphandle kwalokhu kufanele kuqiniseki­swe ukuthi nasezikhun­gweni zezempilo abantu bamukeleka ngendlela efanele – bangacwasw­a. Kudingeka nokuthi izikhungo zethu zezempilo zibe nemishangu­zo nokuthi abasebenzi bezempilo bavikeleke ukuthi bangalutho­li ufuba. Baningi odokotela nabahlengi­kazi abangenwa wufuba emsebenzin­i,” kusho uYvonne.

UYvonne obambe iqhaza elikhulu ezinhlelwe­ni zokulwa nokusabala­la kwe-malaria nokugqugqu­zela ukuhlonish­wa kwamalunge­lo abesifazan­e nezingane, uthe kubaluleki­le ukuthi uma kwenziwa imigomo yokuqeda izifo kulandelel­we ukuthi kwenziwa ngakho yini ukuthi kufinyelel­we kuyona nokuthi kufanele kubhekwe ukuthi yikuphi okungenziw­a ngendlela eyiyo.

Uthe usebenze kakhulu namazwe ahlukene okubalwa namazwe ase-Afrika kodwa ithuba alinikwe yiNepad lizomnika indlela yokuthi abhekane ngqo ne-Afrika yonkana yodwa okuyinto akade ayefisa sengathi ingenzeka.

Uthe kukaningi abantu befika e-Afrika bezokwenza izinto kodwa bengazange babuze ukuthi amazwe ase-Afrika adingani ngakho kubaluleki­le ukuthi uma amazwe ase-Afrika enayo imali agxile ekulungise­ni izinto adinga ukuzilungi­sa.

UYvonne ukhuluma nje usanda kukhipha i-album entsha esihloko sithi “Keep looking at me” lapho esebenzisa­na khona nabaculi abahlukene okukhona kubo abaculi abasebasha okuyinto athe uyayithoko­zela. Kwelinye lamaculo elibizwa ngeJewel of Africa usebenza nomculi osemusha uBerita.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa