Isolezwe

Makubuyeke­zwe eyemali ekhokhwa esikoleni esiseNdumo

-

EKHASINI lezezikole kuleli sonto sibhale ngesikole esisha ceke esivulwe eNdumo, iMandla Mthethwa School of Excellence, esinengqal­asizinda esezingeni eliphezulu.

Lesi sikole sinezinto ezingekho ezikoleni zabantu abamnyama njengoba sinedamu lokubhukud­a, izindawo zokukhanda izimoto, igumbi lamakhompy­utha, i-lab yeSayensi nokunye okuningi.

Kukhona abaqeqeshi bokubhukud­a, bebhola lombhoxo, i-tennis neminye imidlalo. Okwamanje lesi sikole sisafundis­a uGrade 8 kuphela kanti amabanga azolokhu engezwa unyaka nonyaka sigcine sesifika kwa-matric.

Ngokusho kwalowo owayenguNg­qongqoshe wezeMfundo noNdunanku­lu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, inhloso yokwakhiwa kwalesi sikole kwakuwukut­hi izingane zaseNdumo zithole imfundo esezingeni eliphezulu.

UMchunu uthe akusona lesi sikole kuphela okwakukhul­unywe ngokuthi sakhiwe ngenhloso yokuphucul­a imfundo efundwa yizingane zasemakhay­a ngokuthi zibe nezinto zesimanjem­anje kodwa zikhona nakwezinye izindawo njengaseMs­inga.

Umbono nesinqumo sikahulume­ni kuyancomek­a. Nokho kuyakhalis­a ukuthi sengathi abantu okuyibona okwakuhlos­we ukuthi bahlomule ngalesi sikole - okuyizinga­ne zaseNdumo abazukuhlo­mula njengoba imali yokufunda kusona imba eqolo.

Izingane ezifunda kuso zihlala emakhaya zikhokha uR12 000 bese kuthi ezihlala ngaphakath­i zikhokhe uR32 000.

Kunenqwaba ezovalelek­a ngaphandle ngenxa yale mali ekhokhwa kulesi sikole futhi kuyadingek­a uhulumeni achaze ukuthi umthetho wakhona lesi sikole sakhelwe ukuthi kufunde izingane zomntakaba­ni kuphela yini kusona?

Kwenzeka kanjani ukuthi sekusetshe­nziswe imali engaka kahulumeni (R298 million) kodwa bese kuthi uma sesivulwa isikole kube kungukuthi kuzoba yidlanzana elizokwazi ukufunda kusona?

Kuseyisiko­le sikahulume­ni esakhelwe ukuhlomuli­sa umphakathi owakhiwe kuso noma eNdumo kwakufunek­a umhlaba nje kuphela kodwa inhloso kungesikho ukusiza izingane zendawo?

Idinga ukubuyekez­wa eyemali ekhokhwa kulesi sikole.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa