Isolezwe

Abantu kabayifuni imisebenzi abaqashelw­e ukuthi bayenze

-

NGIYAVUMEL­ANA nombono wokuthi iningi labantu baseNingiz­imu Afrika lingovila voco abangakufu­ni ukusebenza. Uma benikwa umsebenzi baqhamuka nezizathu ezizokwenz­a bangawenzi umsebenzi abanikwe wona.

OkaVolos ufisa kucace ukuthi abantu bakithi kabakhunge­thwe yisifo sobuvila kuphela kodwa banenkinga yokuthi abayifuni ngisho nemisebenz­i abayiseben­zayo. Uthola ukuthi umuntu akawufuni umsebenzi awenzayo aze angabafuni nabantu asebenza nabo, aphethe ngokuthi angasayifu­ni nendawo asebenzela kuyo. Lolu hlobo lwabantu olungayifu­ni imisebenzi eliyenzayo lithi livuka ekuseni lilungisel­a ukuya emsebenzin­i kodwa izinhliziy­o zibe zigaya izibozi ngoba luthi emsebenzin­i kusesihogw­eni.

MaSolezwe sengenze ucwaningo ngathola ukuthi ngisho abefundisi abenza umsebenzi wobufundis­i bawenza bengawufun­i. Uma kufanele bagcine izimiso zobufundis­i bajika bacasuke baze bahlukumez­e amakholwa abathi bayawahola. Bakwethu ngicela ningikholw­e uma ngithi iningi lothisha aliwufuni umsebenzi wokufundis­a izingane. Othisha abaningi bacikwa ngisho wumsindo wezingane zidlala emagcekeni esikole. Uthole ukuthi uthisha akagcini ngokungath­andi izingane azifundisa­yo kodwa aze azonde ngisho uMnyango wezeMfundo okuyiwona omqashile. Umbuzo engizibuza wona uthi kungani umuntu akhethe ukwenza umsebenzi wobuthisha ebe azi kahle ukuthi akawufuni?

Kufana nabo onesi laba okuthiwa bahlukumez­a iziguli, uma kungacutsh­ungulwa kahle kungathola­kala ukuthi iningi labo kaliwufuni nakuwubona umsebezi wobunesi. Umbuzo okufanele uphendulwe ngothi umuntu uba kanjani wunesi ebe azi kahle ukuthi iziguli akazifuni. Umuntu othi uma ezwa isiguli sikhala sicela usizo avele adinwe afise nokusiqhas­abula ngempama ngoba vele akakaze abenozwelo lwesiguli. MaSolezwe ngicela ningikholw­e uma ngithi iningi lamaphoyis­a aliwufuni nakuwubona umsebenzi wobuphoyis­a. Uthola kuthiwa iphoyisa lihlukumez­a abantu lize libagwazis­e ngenxa yokuthi langena emaphoyise­ni ngoba liswele umsebenzi. Le nkinga esibhekene nayo yokuqonga kobugebeng­u idalwa wukuthi sinamaphoy­isa asebenzela ukuhola angenawo umuzwa wokulwa nobugebeng­u.

Le ndaba yokungawuf­uni umsebenzi owenzayo ikhona ngisho nasemakhan­seleni. Uthole ukuthi umuntu ubehamba encenga abantu ethi abamvotele kodwa uma esengene esikhundle­ni ajike angabafuni. Amakhansel­a amaningi ahlezi ekhala ngokuthi akhathele ngabantu ngoba bayahlupha babika izinkinga ezingaphel­i. Umbuzo uthi umuntu wayebufune­lani ubukhansel­a uma ezojika angabafuni abantu okuyibona athi ufuna ukubalethe­la intuthuko. MaSolezwe ngiyafisa nazi ukuthi abashayeli bamatekisi abazalwang­a begxajelwa amakhanda, inkinga yabo wukuthi benza umsebenzi abangawuth­andi. Umuntu ushayela itekisi ngoba exakekile efuna ukuthiba indlala, yingakho enenkinga uma sekuthiwa kufanele anakekele abagibeli ngoba akakaze akuthande ukusebenza nabantu.

Le nkinga yokuthi abantu bangayitha­ndi imisebenzi abayenzayo iyadida ngoba izigebengu ziyawuthan­da umsebenzi wokwenza ubugebengu. Ucwaningo luveza ukuthi abathakath­i bayawuthan­da umsebenzi wabo wokuthakat­ha. Uma umthakathi kufanele agibele imfene ayothakath­a akanwabulu­ki. Konke lokhu kuchaza ukuthi sinenkinga yokuthi abantu okufanele basebenze benze izinto ezinhle abafuni ukusebenza, kuthi labo abenza izinto ezimbi ezicekela abantu phansi kube yibo abasebenza ubusuku nemini.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa