Abantu kabayifuni imisebenzi abaqashelwe ukuthi bayenze
NGIYAVUMELANA nombono wokuthi iningi labantu baseNingizimu Afrika lingovila voco abangakufuni ukusebenza. Uma benikwa umsebenzi baqhamuka nezizathu ezizokwenza bangawenzi umsebenzi abanikwe wona.
OkaVolos ufisa kucace ukuthi abantu bakithi kabakhungethwe yisifo sobuvila kuphela kodwa banenkinga yokuthi abayifuni ngisho nemisebenzi abayisebenzayo. Uthola ukuthi umuntu akawufuni umsebenzi awenzayo aze angabafuni nabantu asebenza nabo, aphethe ngokuthi angasayifuni nendawo asebenzela kuyo. Lolu hlobo lwabantu olungayifuni imisebenzi eliyenzayo lithi livuka ekuseni lilungisela ukuya emsebenzini kodwa izinhliziyo zibe zigaya izibozi ngoba luthi emsebenzini kusesihogweni.
MaSolezwe sengenze ucwaningo ngathola ukuthi ngisho abefundisi abenza umsebenzi wobufundisi bawenza bengawufuni. Uma kufanele bagcine izimiso zobufundisi bajika bacasuke baze bahlukumeze amakholwa abathi bayawahola. Bakwethu ngicela ningikholwe uma ngithi iningi lothisha aliwufuni umsebenzi wokufundisa izingane. Othisha abaningi bacikwa ngisho wumsindo wezingane zidlala emagcekeni esikole. Uthole ukuthi uthisha akagcini ngokungathandi izingane azifundisayo kodwa aze azonde ngisho uMnyango wezeMfundo okuyiwona omqashile. Umbuzo engizibuza wona uthi kungani umuntu akhethe ukwenza umsebenzi wobuthisha ebe azi kahle ukuthi akawufuni?
Kufana nabo onesi laba okuthiwa bahlukumeza iziguli, uma kungacutshungulwa kahle kungatholakala ukuthi iningi labo kaliwufuni nakuwubona umsebezi wobunesi. Umbuzo okufanele uphendulwe ngothi umuntu uba kanjani wunesi ebe azi kahle ukuthi iziguli akazifuni. Umuntu othi uma ezwa isiguli sikhala sicela usizo avele adinwe afise nokusiqhasabula ngempama ngoba vele akakaze abenozwelo lwesiguli. MaSolezwe ngicela ningikholwe uma ngithi iningi lamaphoyisa aliwufuni nakuwubona umsebenzi wobuphoyisa. Uthola kuthiwa iphoyisa lihlukumeza abantu lize libagwazise ngenxa yokuthi langena emaphoyiseni ngoba liswele umsebenzi. Le nkinga esibhekene nayo yokuqonga kobugebengu idalwa wukuthi sinamaphoyisa asebenzela ukuhola angenawo umuzwa wokulwa nobugebengu.
Le ndaba yokungawufuni umsebenzi owenzayo ikhona ngisho nasemakhanseleni. Uthole ukuthi umuntu ubehamba encenga abantu ethi abamvotele kodwa uma esengene esikhundleni ajike angabafuni. Amakhansela amaningi ahlezi ekhala ngokuthi akhathele ngabantu ngoba bayahlupha babika izinkinga ezingapheli. Umbuzo uthi umuntu wayebufunelani ubukhansela uma ezojika angabafuni abantu okuyibona athi ufuna ukubalethela intuthuko. MaSolezwe ngiyafisa nazi ukuthi abashayeli bamatekisi abazalwanga begxajelwa amakhanda, inkinga yabo wukuthi benza umsebenzi abangawuthandi. Umuntu ushayela itekisi ngoba exakekile efuna ukuthiba indlala, yingakho enenkinga uma sekuthiwa kufanele anakekele abagibeli ngoba akakaze akuthande ukusebenza nabantu.
Le nkinga yokuthi abantu bangayithandi imisebenzi abayenzayo iyadida ngoba izigebengu ziyawuthanda umsebenzi wokwenza ubugebengu. Ucwaningo luveza ukuthi abathakathi bayawuthanda umsebenzi wabo wokuthakatha. Uma umthakathi kufanele agibele imfene ayothakatha akanwabuluki. Konke lokhu kuchaza ukuthi sinenkinga yokuthi abantu okufanele basebenze benze izinto ezinhle abafuni ukusebenza, kuthi labo abenza izinto ezimbi ezicekela abantu phansi kube yibo abasebenza ubusuku nemini.