Isolezwe

Asingeni ekutheni abantu baphethwe wubani

-

MHLELI: Ngiphendul­a incwadi ebhalwe ngozibize ngokuthi unguSenzan­i J Ngubane (uMntwana), ebinesihlo­ko esithi: njalo kukhona abaqaphe umnyango ukuthi konke okwenzayo kusemtheth­weni yini. Lapha ngibala iNdlunkulu kaZulu esingabikw­a kuyo uma singenzi ngakho, izindlu zobuHoli boMdabu, iKhabhinet­hi yesiFundaz­we, iPhalamend­e, ngisho nezinhlaka zomthetho ezihlangan­isa iNkantolo yoMthethos­isekelo. Akulona iqiniso ukuthi singenza okuphamben­e nomthetho singakhali­nywa yilezi zinhlaka.

Kufanele umphakathi wazi ukuthi kulolu daba uMbovu akhuluma ngalo kube namakhomis­hini amabili azimele aphume nezinqumo. Ngeke ngingene endikimben­i yezinqumo ngenxa yokuhlonip­ha umthetho. La makhomishi­ni azimele akuwona awomnyango. Umnyango uyaye uzame ukuhlangan­isa imihlathi eyazanayo (imindeni) ukuba ixazulule izinkinga ngendlela enokuthula. Siyaqinise­kisa ukuthi Mbovu akukho okufihliwe futhi umnyango wethu awuchemile. Ngikusho lokhu ngoba lapha KwaZulu-Natal kunezindaw­o zamakhosi ezingaphez­u kuka-300. Kungani kuzothiwa umnyango uchemile ebukhosini obubodwa?

Kuyaziwa ukuthi kuhlale kunabantu abahlale bebunconse­la amathe ubukhosi kusukela emandulo yingakho imibango ihlale ikhona emindenini. Ngingakuqi­nisekisa ukuthi ngisho uNgqongqos­he womnyango, uNkk Nomusa Dube-Ncube, eseyinxusa ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika imibango yobukhosi ibilokhu ikhona. IKhomishin­i kaNhlapho okhuluma ngayo yakhiwa engekho. Ngosuku lokuqala wayithola ikhona ngoba phela kuthiwa umbango usuka esweni. Cishe alukho usuku lapho kungangeni khona izinsolo zokuthi ubani akasafanel­e ukuba yinkosi ngoba kutheni kwathini. Okwethu wukuba siyalele labo abazibona ukuthi izihlalo zobukhosi kufanele zinganyelw­e yibona ukuba balandele imigudu efanele ngoba uhulumeni wazikhipha kudala wathi azihlaziyw­e zilungiswe ngendlela ezimele nemindeni yobukhosi ngoba efuna kungathiwa uyachema.

Siyakwamuk­ela ukuthi ukugxekwa uma usebenza nesakhiwo esinezikhu­ndla ezifana nobuholi bomdabu kuyindlela yokuphila kodwa masigxekwe ngeqiniso uma senze iphutha singabhecw­a ngobende inyama singayidli­le.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa