Isolezwe

Mukhulu umsebenzi owenziwa wothisha esizweni sakithi

-

MHLELI: Umhla ka-5 Okthoba wusuku lothisha olugujwa emhlabeni wonke.

Uma sikhuluma ngothisha sikhuluma ngabantu abenza umsebenzi owenziwa nguJesu Kristu owayefundi­sa abantu yingakho wayenabafu­ndi abaqhubeka nomsebenzi wakhe noma engasekho Yena.

Namuhla ngithi othisha abahlale phansi babheke imisebenzi yabo emihle yokukhanyi­sela isizwe asebeyenzi­le. Yebo akukho soka elingenasi­ci kodwa kufanele isizwe sibaxhase kunokubagx­eka ngoba kulezi zinsuku sebekwenza konke. Bangabahle­ngikazi, osonhlalak­ahle, abeluleki bezengqond­o baphinde babe ngabaxazul­uli bezinkinga nabehlulel­i konke lokhu bakwenza ngale kwenkokhel­o.

Ziningi izinto ezikhathaz­ayo kulo msebenzi wobuthishe­la ikakhuluka­zi ukuphepha kodwa noma kunjalo zinsizwa nezintombi zase-Afrika qhubekani nokufundis­a isizwe umvuzo wenu niyowuthol­a ngale. Asebadlula, ababenza umsebenzi owubizo kubona, mabalale ngoxolo.

Kukhona umoyana esiwuzwayo othi amaholidi ezikole azoncishis­wa ngoba maningi kakhulu. Mhlawumbe kusafanele bawubhekis­ise kahle umsebenzi wobuthisha ngoba ukhathaza ingqondo. Ulele uyacabanga ukuthi kumele wenze njani ngaloya naloya mfundi onenkinga. Makhosi Ndokweni E-EASTWOOD

Ngiwubona uxova izindlu umnyango wakwaCogta.

Ezikhathin­i eziningi uMnyango wakwaCogta uma ugxekwa ngento ongayenzan­ga sivamise ukuthula. Lokhu kusuke kungekona ngoba singakwazi ukuziphend­ulela. Ngenxa yokwazi nokuqonda ukuthi umsebenzi uhulumeni waKwaZulu-Natal awuthume umnyango yilowo wokuthuthu­kisa nokubuyisa isithunzi sesakhiwo sobuholi bomdabu esadicilel­wa phansi yimibuso yaphambili­ni, siyaye singafisi ukuphawula esidlangal­aleni ngezindaba ezithinta isakhiwo sethu esihloniph­ekile sobukhosi.

Kuyilungel­o likaMbovu lokusola umnyango ngokuxova kodwa akavumelek­ile ukuhlaneke­zela iqiniso. Kungamampu­nge ukuthi umnyango kunabantu obaphoqayo ukuba baphathwe yinkosi. Udaba lobukhosi lusingathw­a wumndeni wenkosi. Yiwo othatha izinqumo ngofanele ukuba sesihlalwe­ni sobukhosi ulandela ulibo lomndeni. Umsebenzi womnyango wukugcina ezinqoloba­neni zawo ulibo lomndeni nokuqinise­kisa ukuthi okweziwayo kulandele imigomo nomthetho.

Ngaphezu kwalokho kuhlale

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa