Isolezwe

Bagubha usuku lwabo besezinkin­geni

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA namhlanje kugujwa usuku lothisha emhlabeni jikelele, izinyunyan­a zabo zithi akukuningi amalungu azo akugubhayo ngalolu suku.

Muva nje othisha babhekene nolaka lwabafundi ababagwaza­yo njengoba eNorth West umfundi egwaze wabulala uthisha ekilasini kubhalwa izivivinyo.

UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe ngalolu suku kuningi okubi okwenza othisha bangalujab­uleli lolu suku.

Uthe kukhona okuhle nokho othisha abakujabul­elayo ngenxa yokusebenz­a kanzima kwabo.

Ubalule ukunyuka kwesibalo sabafundi ababhala u-matric minyaka yonke, baningi nabafundi asebephasa kahle bathole o-A ezifundwen­i zabo.

“Kumanje kukhona abafundisa­yo ekubeni kuvaliwe ngoba bezinikela. Siyanda isibalo sothisha abamnyama abafundisa izifundo ezithathwa njengezinz­ima iMaths, Sayensi, Accounting nezinye.”

Uthe okubi wukuthi namanje abakapheph­i ezikoleni wathi badinga ukuvikelwa.

“Amakilasi agcwele kakhulu, basahola kancane kakhulu nohulumeni akenzi lutho ngalokhu. Izikole ziyagqekez­wa imiphakath­i ayisabahlo­niphi othisha. Abafundi bayazenzel­a kubona, sebesaba izingane abazifundi­sayo,” kusho uThompson.

UNobhala weSadtu eKZN, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe lolu suku kumele ngabe othisha bayalugubh­a kodwa lokhu akusenzeki.

“Kumele umphakathi uzile ukuze ubheke isimo sothisha manje. Kumele ubheke izindlela zokushints­ha isimo esibhekene nothisha,” kusho uNksz Caluza.

Ukhale kakhulu ngokupheph­a kwabo ezikoleni wathi abafundi nomphakath­i kumele bahloniphe othisha.

Okhulumela uMnyango weMfundo eyiSisekel­o, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe kulo nyaka umgubho uhambisana neminyaka engu-70 kwabekwa ezemfundo njengelung­elo elibalulek­ile.

Uthe siyanyuka isibalo sothisha njengoba sebebalelw­a ku-410 000 ezikoleni ezingu-25 000 abafundisa izingane ezingu-12.9 million.

Uthe sincane isibalo sothisha abashiya lo mkhakha wathi sinyuke kakhulu esothisha abasha sisuka ku-8 000 ngo-2012 saya ku-23 800 ngo2016.

Ubonge othisha ngomsebenz­i abawenzayo wathi izwe liyabading­a wabafisela usuku oluhle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa