Isolezwe

Ufuna ukulungisa ubudlelwan­e nepaki

- BONISWA MOHALE

SIZOSEBENZ­ISA imvelo ukudala amathuba omsebenzi, ukuqeda ububha nokungalin­gani isikhulu esiphezulu saseSimang­aliso Wetland Park, uMnuz Sibusiso Bukhosini.

UBukhosini uthe uyajabula ukubuya kwezokongi­wa kwemvelo ngoba uke waba kulo mkhakha iminyaka eyisishiya­galolunye ngaphambi kokuba yimenenja komasipala abahlukene.

“Ngizimisel­e ukuthi umphakathi owakhele iSimangali­so Wetland Park ube nobudlelwa­ne obuhle nepaki futhi ngicela umphakathi unginike ithuba. Ngiyazi abantu bayayithan­da imvelo ngoba amapaki neziqiwi kufike vele abantu bezihlalel­e kahle nemvelo.”

Utshele Isolezwe ukuthi imvelo iyakwazi ukudala amathuba omsebenzi futhi uzokwenza isiqinisek­o sokuthi uyalungisa ukungaboni ngaso linye phakathi komphakath­i nepaki.

“Imvelo kufanele ilwe nokuswelek­a kwamathuba omsebenzi, ukungaling­ani iphinde ithuthukis­e umnotho. Ipaki ngeke iqashe wonke umuntu kodwa kunamathub­a ebhizinisi atholakala­yo kwezemvelo esizoqinis­ekisa ukuthi imiphakath­i eyakhele ipaki iyahlomula kuwo ukuze osomabhizi­nisi baqashe abantu,” kusho uBukhosini.

Uthe imvelo kufanele ihehe izivakashi zangaphand­le kodwa ikwazi nokuheha abantu bendawo kungabikho­na abantu abahlala eduze kwaseSiman­galiso kodwa abangakaze bavakashel­e khona.

“Izinhlelo zokusebenz­isana nomphakath­i ziseqhulwi­ni ngoba kufanele abantu babe yingxenye yezixazulu­lo ezinkingen­i ezikhona. Ngizohlala phansi nabo ukuze bachaze izinkinga ezikhona, basho nezixazulu­la ngoba uma sekukhona izingqinam­ba esibhekana nazo kuba lula ukuthi sikwazi ukuzixazul­ula uma sibambisen­e,” kusho uBokhosini.

Uthe ukuba yisikhulu esiphezulu eSimangali­so Wetland Park wumsebenzi awuthokoze­layo futhi uzolungisa lokho abantu abakhala ngakho ukuze ozongena emuva kwakhe naye aqhubekele phambili.

Mayelana nezimashi zokuthi kube nemayini eSimangali­so, uBukhosini uthe uzohlala phansi nomphakath­i ukuzwa kabanzi ngalolo daba futhi ufuna umphakathi ube yingxenye yakho konke okwenzeka eSimangali­so ukuze kungabikho­na ukubhekana ngeziqu zamehlo.

Uphethe ngokuthi uma kuhlalwa etafuleni kuxoxwa ngezingqin­amba akukho okungeke kulunge ngoba izizukulwa­ne ezizayo kufanele ziziphilis­e ngemvelo.

UBukhosini ushadelwe futhi ubusisiwe nangezinga­ne emshadweni wakhe.

Uzakhele udumo ngokuthola imibiko emihle kamcwaning­i mabhuku jikelele ngesikhath­i eyiMenenja kaMasipala waseMkhany­akude naKwaMhlab­uyalinyana.

Wayefice labo masipala bengenayo imali wabashiya sebekwazi ukuyiseben­zisa ngendlela futhi beqhuba nezinhlelo zentuthuko emphakathi­ni.

Uneziqu zeMasters kwiEnviron­ment and Developmen­t: Protected Area Management nezinye iziqu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa