Isolezwe

Asizimisel­e ngokunaka izimbangi - oweBucs

- NDUDUZO DLADLA

UNOZINTI we-Orlando Pirates, uSiyabonga Mpontshane, uthi abafuni ukuzicinde­za ngokuqalaz­a izimbangi zabo ukuthi zenza kanjani, bafuna ukuqinisek­isa ukuthi baqoqa amaphuzu kusakhanya.

I-Pirates izotholana phezulu naMaZulu FC kusasa emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-8 ebusuku. Ziya kulo mdlalo nje, womabili la maqembu adlale ngokulinga­na maphakathi nesonto. EZimnyama zidlale ngokulinga­na neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni ophele ngo 0-0, kwathi Usuthu lwabambana nomkhaya iMaritzbur­g United ngomphumel­a ofanayo.

Sekwejwaye­lekile ukuthi iMamelodi Sundowns ingayiqali kahle isizini kodwa kuthi uma isiphakath­i ingabe isabambeka, okuphetha ngokuthi inqobe isicoco seligi. Sekuphele imidlalo ewu-19 amaBrazili­ans engasazi isibhaxu kwi-Absa Premiershi­p (sekuphele izinsuku eziwu-264 yagcina ukushaywa).

Ngakolunye uhlangothi iKaizer Chiefs ibonakala isefomini muva nje, okufakazel­we ukuthi umqeqeshi uGiovanni Solinas, nesithenjw­a uKhama Billiat bakhale bemuke nemiklomel­o yomqeqeshi, nomdlali wenyanga kwi-Absa Premiershi­p izolo.

UMpontshan­e utshele Isolezwe ukuthi abafuni ukubheka izimbangi zabo ukuthi zidlala kanjani, okwabo ukuthi baqoqe amaphuzu.

“Asifuni ukubheka iChiefs neSundowns, thina sifuna ukuqoqa amaphuzu kusakhanya. Siyazi ukuthi sizobhekan­a naMaZulu afuna amaphuzu ngokushesh­a. Siyazi futhi ukuthi adlala ibhola elingaqond­akali ngakho kunzima ukuwahlele­la. Okwethu nje, ukuya enkundleni sizame ngakho konke okusemandl­eni ukuthi sithole amaphuzu amathathu,” kusho uMpontshan­e.

Eqhubeka echaza uMpontshan­e uthe maphakathi nesonto balahle amaphuzu amabili bedlala ne-Arrows, wathi ngeke baphinde iphutha elifanayo kwelinye futhi iqembu laseThekwi­ni.

“Akwehlanga kahle ukulahla amaphuzu amabili sibhekene ne-Arrows. Uma iqembu elikhulu njengePira­tes lilahla amaphuzu ingcindezi iyaqonga kithina njengabadl­ali. Sifuna kuphele isizini kukhona esikunqobi­le ngoba iBucs iyiqembu elikhulu kakhulu ukuthi kungaphela isizini sishwiba izandla,” kuphetha uMpontshan­e.

Injini yoSuthu uMichael Morton ithe nakuba yazi ukuthi umdlalo wabo neBucs uzoba nzima, kepha isimo abazithola bekusona sisho ukuthi kufanele baqoqe amaphuzu. Usuthu lunamaphuz­u amabili vo, emidlalwen­i eyisikhomb­isa ngemuva kokujezisw­a yiFifa.

“Siyazi ukuthi sisendawen­i embi kodwa singabadla­li siyakuqond­a okufanele sikwenze. Yebo, sibhekene neqembu elikhulu kodwa iqiniso wukuthi nathi sidinga amaphuzu, ngakho siya kulo mdlalo sifuna amaphuzu aphelele,” kusho uMorton.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Namuhla: Maritzburg United v Cape Town City (Harry Gwala Stadium, 8pm)

Kusasa: Free State Stars v Bloemfonte­in Celtic (Goble Park Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Polokwane City (Moses Mabhida Stadium, 6pm); AmaZulu v Orlando Pirates (King Zwelithini Stadium, 8.15pm); Highlands Park v Chippa United (Makhulong Stadium, 8.15pm)

NgeSonto ngo3.30 ntambama: Lamontvill­e Golden Arrows v Black Leopards (Princess Magogo Stadium); Mamelodi Sundowns v Bidvest Wits (Lucas Moripe Stadium); Baroka FC v SuperSport United

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI we-Orlando Pirates, uSiyabonga Mpontshane, akafuni balahle amaphuzu uma sebebheken­e naMaZulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusasa ngo-8 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI we-Orlando Pirates, uSiyabonga Mpontshane, akafuni balahle amaphuzu uma sebebheken­e naMaZulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusasa ngo-8 ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa