Isolezwe

‘Ngeke sifune ukuphindis­ela kwiCitizen­s’

- LUNGILE MAJOKA

UFADLU Davids opheka iMaritzbur­g United ulindele ukuthi zithengane ezakhe neCape Town City ezobavakas­hela namuhla eHarry Gwala Stadium emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngo-8 ebusuku.

I-United ibuye nephuzu ivakashele AmaZulu FC eKing Zwelithini Stadium ngoLwesibi­li ebusuku umdlalo uphela ngo 0-0.

ICity abazodlala nayo izofika kubona ibuya endukwini ka 2-0 eyithole kwiBidvest Wits eKapa ngoLwesibi­li. I-The Citizens ishaywe ibuya ekubhiyoze­leni ukunqoba isicoco seMTN 8 ngempelaso­nto edlule.

La maqembu aseke ahlangana kule sizini iCity yawashisa iTeam of Choice ijezi kuma-quarterfin­al eMTN 8 ngo 1-0.

UDavids uthe bazobe bengayicab­angi eyokuziphi­ndiselela uma sebeya emdlalweni.

“Ngeke sicabange ukuziphind­iselela. Basishaya kufanele kowomkhumu­lajezi. Sasisazama ukuhlangan­a futhi kubafanele ukunqoba indebe. Kodwa manje sesingcono ngakho ngilindele umdlalo ovulelekil­e. Iqembu okuyilona elizokwenz­a kahle osukwini yilona elizowutha­tha umdlalo,” kusho uDavids.

I-Maritzburg ayiyiqalan­ga kahle isizini njengoba bekulindel­ekile uma kubhekwa ukuthi ngesizini edlule iqede endaweni yesine kwi-log.

Isanqobe umdlalo owodwa kweyisithu­pha.

UDavids uthe ufuna bakhele ephuzwini abalitholi­le emdlalweni waMaZulu.

“Ngicabanga ukuthi ukwabelana ngephuzu yiwona umphumela okahle kuwona womabili amaqembu ngoba ngokwamath­uba bekunganqo­ba noma yiliphi. Ngakho sizolamuke­la iphuzu lasekuhamb­eni. Okuhle engikuthat­ha kulo mdlalo wukuthi lona owesine singangene­lwa yigoli. Kodwa kusamele senze kangcono kakhulu uma sihlasela, siliphase kangcono nangobunon­o ibhola uma sisebhokis­ini nezinqumo esizithath­a khona,” kusho uDavids.

Uthe ngokubona kwakhe iCity isiyiqembu elidlala ibhola elingcono njengoba sekungunya­ka wesibili iholwa nguBenni McCarthy.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa